U-DJ Zinhle uchazwe njengesibuko kwabanye besifazane

195

NONHLAKANIPHO SHINGA

UCHAZWE njengesibuko kwabanye besifazane uNtombezinhle “Dj Zinhle” Jiyane (osesithombeni), ohlonywe uphaphe lwegwalagwala – enikwa indondo yokuba ngomunye wabesifazane abanegalelo elikhulu kwezikaqedisizungu – emcimbini wokuklomelisa ngezindondo abesifazane abavelele emkhakheni womculo, iBasadi in Music Awards (BIMA) ngeledlule eGoli. 

UHloni Moside-Motau, oyisikhulu esiphezulu seBIMA, uthe bakhethe ukuhlonipha lo DJ emuva kokubona indlela asekhule ngayo emkhakheni ekuwona, futhi wakhula njengosomabhizinisi. “Uhambo aseluhambile luyabakhuthaza nabanye besifazane. Uma ukhuluma ngoNtombezinhle, kawukhulumi nje ngoDJ kuphela, kepha ukhuluma ngosomabhizinisi njengoba enenkampani edayisa izinto ezahlukene; kusukela emawashini, izikhwama nezigqoko,” esho.

UDJ Zinhleuthe ukuthola le ndondo kumthobise kakhulu, kwamfaka ugqozi lokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla. “Le ndondo ifakazela uhambo olude engiluhambile kulo mkhakha nabo bonke ubunzima engidlule kubona. Ngiyabonga kubo bonke abangesekile kusukela kwabathokozela umculo wami, abathenga izimpahla zami nababukela uhlelo lwami kumabonakude. Kuyangijabulisa nokuhlonishwa nabesifazane abanamandla emkhakheni wezikaqedisizungu. Nginethemba lokuthi ngizoqhubeka nokukhuthaza abeza ngemuva kwami futhi nami ngisaqhubeka nokuya phambili kwengikwenzayo,” esho.

Le ntokazi yaseDannhauser yangena emculweni ngo-2004, kanti seyinohlelo olukhuluma ngempilo yayo kumabonakude. Yangena emculweni ngaphansi kwenkampani kaDj Oskido, iKalawa Jazmee. Ukukhula kwayo njengoDJ, kuyakhele igama njengoba ibizwa ngoDJ wesifazane ohamba phambili e-Afrika. 

Previous articleI-Spurs isola iChiefs “ngobuqola”
Next articleUjikelwe “yinkabi” umhlengikazi osolwa ngokubulala isisebenzi