U-Erasmus uvalelisile kwiBucs

186

SENZO SOKHELA

KUVELA ezithi angase abuyele kwiCape Town City uKermit Erasmus okuthiwa kuphelile phakathi kwakhe ne-Orlando Pirates abesephenduke ifenisha kuyona. Lo mgadli kuthiwa ubevalelisa kwiBucs emuva kokunqoba kwayo iNedbank Cup, ihlula iMamelodi Sundowns ngo-2-1 ngoMgqibelo. 

ILANGA lihletshelwe wumthombo walo ukuthi u-Erasmus uvalelisile kozakwabo ngemuva kwalo mdlalo. “Ukuqinisekisile ukuthi ngeke abe yingxenye yale kilabhu ngesizini ezayo. Nokho uthe ujabule ngoba uvalelise kamnandi ngendondo yegolide. Akushilo wukuthi kakukapheli ngaye, usazobonakala ngoba kukhona lapho azobe edlala khona ngesizini ezayo,” kusho umthombo weLANGA

Lo mdlali kuvela ukuthi angase abuyele kwiCape Town City. 

Iphunzile imizamo yokuthola u-Erasmus njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa. 

senzos@ilanganews.co.za

Previous articleKuthinteke abakamaskandi neLadies House ukuhlabeka kukaDSD bamenzela umnikelo
Next articleIkhehla (75) lifuna ukugijima imijaho ewu-30 yeComrades