Uthi ufuna ukudlala naye emqhudelwaneni weCarling Black Label Cup
SENZO SOKHELA
UMGADLI waseCameroon ozakhele udumo ewola izicoco neBarcelona ya-seSpain uqinise idolo umqeqeshi weKaizer Chiefs ngo-mqhudelwano weCaf Champions League.
IChiefs izifake emabhukwini omlando idlulela kuma-semi final eCaf Champions League okokuqala ngqa emuva kokuba ishaye ngo-4-3 iSimba SC yaseTanzania kulo mqhudelwano sekuhlanganise yomibili imilenze.
IChiefs izobhekana neWydad Casablanca yaseMorocco kwi-semi final.
Umlenze wokuqala uzokuba sekuhambeni mhla ka-18 kuNhla-ngulana (June), bese kuthi owesibili ube ngomhla ka-25 kuNhla-ngulana kuleli.
USamuel Eto’o ongumdlali ohlonishwayo emhlabeni owine izicoco namakilabhu ase-Europe okungabalwa kuwona iBarcelona ne-Inter Milan, uthi unethemba lokuthi iChiefs izoyigudluza iWydad Casablanca kwi-semi final yeCaf Champions League.
Ukusho lokhu ngesikhathi eyisimenywa esiqavile kwethulwa ngo-kusemthethweni iCarling Black Label Cup ngoLwesibili emini eFocus Room, eGauteng.
“Ngabe ngenza iphutha uma-ngase ngingayifiseli inhlanhla iChiefs njengoba izodlala kwi-semi final yeCaf Champions League.
“Ngiyakuqonda ukuthi ayibanga nayo isizini enhle eligini yasekha-ya kodwa nginethemba lokuthi izokwenza kahle kulo mqhudelwa-no weCaf,” kusho u-Eto’o.
Uthi uyaqala ngqa ukubona umqhudelwano onjena selokhu aqala ukuba sebholeni.
“Lona oqhamuke nalo mqhude-lwano uze nomqondo omuhle, angikaze ngiyibone into enjena mina ebholeni lapho abalandeli bezibambela bona mathupha.
“Ngiyethemba ukuthi nakwama-nye amanzwe bazowuthatha lo mqondo ukuze abalandeli babone ukuthi kunzima kanjani ukulungi-selela umdlalo uma ungumqeqe-shi.
“Abalandeli bamqoka emdla-lweni, ibhola ngeke libe yilutho ngaphandle kwabo.
“Nginesicelo kumqeqeshi we-Chiefs nowePirates ukuthi ngosu-ku lwalo mdlalo bangiphe imizuzu engu-10 nje ngidlala kuwona wo-mabili la makilabhu ngokwehlukana. Angikho fithi ngoba angisajimi njalo kodwa ibhola lisengqo-ndweni.
“Ngifuna ukutshengisa abadlali ukuthi igoli lishawa kanjani.
“Ngiyethemba ukuthi laba baqe-qeshi bazonginika ithuba. Ibhola laseMzansi ngiyalithanda sikhule sibukela kubantu abanjengoDo-ctor Khumalo noJohn “Shoes’’ Moshoeu,” kusho u-Eto’o.
UGavin Hunt ololonga iChiefs uthe ngesicelo sika-Eto’o: “Angifu-ni adlale imizuzu engu-10 ngifuna agijime engu-90.
“Ngeke adlale phambili uzohlala enkabeni yesisu adidiyele. Angikholwa ukuthi lokho kuzomkhathaza,” kusho uHunt.
Emqhudelwaneni wanonyaka abalandeli bazovotela umdlali ozokhahlela iphenathi uma ku-khona etholakele ngesikhathi so-mdlalo. Bazokhetha ukaputeni wosuku. Kuzophinde kube yibona abavotela uhlelo okufanele ludla-lwe yikilabhu. Izinguquko bazoze-nza besemakhaya ngokubhala kwi-twitter uma kunoguquko aba-funa ukulwenza.
Vele-ke isikimu siboshelwa yi-bona njenganjalo.