U-Felix emdlalweni wamahlaya kumabonakude

160

NONHLAKANIPHO SHINGA

UZOHLEKISA abantu emdlalweni omusha kamabonakude usomahlaya wodumo -ongumsakazi weGagasi 99.5 FM – uFelix Hlophe, owake wathi qu kwiFamily Bonds okwakugqame kuyona uMandla “Bongo” Thabethe. Lo msakazi owethula uhlelo lwasekuseni kwiGagasi, iThe Uprising, uzodlala indigo kaMalume Mayor emdlaweni wamahlaya, i-Ekhaya Backpackers.

UMalume Mayor ungumuntu ophansi, osingathandi isiphithiphithi, kodwa ubhekana nenkinga yokuthi omakhelwane bakhe bakwaMthembu, bavula indawo eyihostela eduze kwakhe. Kulo mdlalo uzobe ehlelisa abantu nabanye abalingisi okubalwa kubo uKwenzo Ngcobo – owaduma edlala kwiThe Wife – ozobe edlala indawo kaJabu. Kukhona no-Abdul Khoza wodumo lukaQaphela kwi-Isibaya.

I-Ekhaya ikhuluma ngezinsizwa ezimbili ezithola ukuthi kubo kunezinkinga zemali bese zikhetha ukuthi ikhaya ziliphendule libe yihostela elizolala abantu abafuna indawo eshibhile, ukuze zizokwazi ukukhokha izikweletu zikanina ongasekho emhlabeni. 

   Lo mdlalo uzokhonjiswa kwiShowmax ngaphambi kokuba kuphele uNhlolanja (February). 

   I-Ekhaya ikhiqizwa yiMilagro Concepts, eyenza imidlalo okubalwa kuyo uMnakwethu, Makoti… Are You the One, namafilimu kanti lona wumdlalo wayo wokuqala wamahlaya. 

UThobani Mbhele oke wadlala kwiHigh Rollers, iGenerations ne-Is’thunzi, uzodlala indawo kaPapi owaziwa ngokuba yiphanta futhi onolayini abaningi elokishini. Yena nomfowabo baphila ngokuklwebhana, kodwa bayabona ukuthi kulokhu kumele babambisane ukuze bakwazi ukugeza igama likanina. 

U-Eve Resimeni oke wadlala kwiHhayi bo Mnakwethu, iThe Payback, yiTemptation Islands SA, uzodlala indawo kaMadibuseng oneqiniso ngendlela exakile kulona athandana naye. 

UMonnye Kunupi oke wadlala kwiThe Throne, udlala indawo kaninakhulu kaJabu kanti inkinga yakhe wukuthi akacabangi ngaphambi kokukhuluma. U-Abdul udlala indawo ka-Undertaker okunguye odala izikweletu zomndeni wakubo. 

UTebogo Matlwawa oyi-head of scripted content, uthe kabajule kakhulu ukuthi kube nomdlalo walolu hlobo kwiShowmax . 

UHlophe kuze kwashicilelwa  ucingo lwakhe lungabanjwa.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleBebeyolanda imali “abathwale ngayo” enyangeni abesifazane ababulewe
Next articleBasengcupheni abangakalubhaliseni ukhetho