U-Jessica noMenzi kwiThe Queen

1112

Kuthiwa umndeni omusha uzochaza ababukeli

INTATHELI YELANGA

SIJOYINA iThe Queen isiphalaphala esinguJessica Nkosi ebesiyibambe kwiSibaya, sidlala indawo kaQondisile. 

UHLOMA ngezingwazi zabalingisi umdlalo oke waba sematheni ngokukhalisa izembe kubalingisi, iThe Queen, ophethwe yiFerguson Films kamakadebona kwezokulingisa, uConnie Ferguson, nomyeni wakhe, uShona. 

Kubikwa ukuthi uMenzi Ngubane, ongomunye wabalingisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika, noJessica Nkosi abebedlala kwiSibaya esidlala kuMzansi Magic kusukela ngo-20h30 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, bayoshubisa izinto kwiThe Queen edlala esiteshini esifanayo ngezinsuku ezifanayo ngo-21h00. 

Kuvela lezi zindaba nje, akukapheli sikhathi esingakanani kubikwe ukuthi abe-The Queen bakhombe indlela uDineo Langa (Moeketsi) obedlala indawo kaKeabetswe Khoza kulo mdlalo. 

U-Dineo ubelandela uRami “T-Gom” Chuene. 

Phambilini kuke kwabikwa nokuthi lo mdlalo uxoshe uZenande Mfenyana, nokho okuyimibiko echithwe yiMzansi Magic njengemfeketho. Kuzokhumbuleka futhi ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kwande amahemuhemu okuthi insizwa ebeyithandwa kakhulu yizintokazi, uSthembiso “SK” Khoza, obedlala indawo kaShaka kwiThe Queen, ukhonjwe indlela kulo mdlalo ngemuva kokungaziphathi kahle. Nokho, ezintsha zithi lo mlingisi uyabuyela kulo mdlalo. 

Abakhiqizi beThe Queen bavumile esitatimendeni abasikhiphe ngoMgqibelo ukuthi bazogadla ngoNgubane obedlala indawo kaJudas Ngwenya kwiSibaya noJessica obedlala ekaQondisile Dlamini kuwona lo mdlalo. 

UNgubane unomlando omude kwezikamabonakude, njengoba waqala ukwaziwa ngendawo kaCijimpi emdlalweni, iKwakhala Nyonini, wadlala ekaMazwi kuBambo Lwami, ekaSbusiso “Ngamla” Dlomo kwiGenerations nekaNkonzo kwi-Ashes. 

Wadlala nakwiYizo Yizo, Ashes to Ashes, Gold Diggers neHeist.

Ngokwesitatimende seFerguson Films, bawu-5 abalingisi abasha abazongena kwiThe Queen. Kulesi sitatimende uConnie uveze ukuthi kunomndeni omusha ozofika kulo mdlalo okulindeleke ukuba umise ababukeli ngamanzonzwane njengoba kuzoba ngubaba onamadodakazi amabili. 

“Siyazi abaningi bazokuthokozela ukufika kwalo mndeni futhi bazosala bemangele,” kusho yena. 

I-The Queen ikhuluma ngomndeni wakwa-Khoza osebhizinisini lezokuthutha kodwa odayisa izidakamizwa. 

UPhilly Kubheka, oyinhloko yezokuxhumana kwaMzansi Magic, uthe njengesiteshi bayakujabulela ukujoyina kwalezi zinsika zabalingisi kwiThe Queen. 

Kuzokhumbuleka ukuthi abakwaFerguson bangabanye obekubikwe ukuthi baphazamisekile njengoba kuvalwe izwe futhi kwaba nemibiko yokuthi sekuphelile ngohlelo njengoba nesizini yabo isiphela.

Esitatimendeni uConnie, uthe kubajabulisile ukuthi iMultiChoice, ephethe iMzansi Magic, iphinde yabanikeza ithuba lokuqopha enye isizini. 

Previous articleKuvalwe umtholampilo ‘ngenxa ye-corona’
Next articleISafa ne-PSL bahlangana kusasa ngoLwesibili