U-Lira ukhuza ibuya emuva kokugula

261

THANDI ZONDI 

UKHUZA ibuya umculi ongaconsi kubalandeli bakhe, uLerato “Lira” Molapo  (osesithombeni), emuva kwekhefu leminyaka emibili ngenxa yokuxinwa wukugula. Le ntokazi yahlaselwa yisifo sohlangothi ngo-2022 ivakashele eGermany, okwaba no-mthelela ekutheni ingakwazi ukukhuluma kahle, ukubhala nokufunda. 

“Abantu bebelokhu befuna ukwazi ukuthi ngelulama kanjani, kuthe uma kuqhubeka isikhathi, baqala babuza ukuthi ngizobuyela nini emculweni. Bengilokhu ngizilolonga ngomculo, bengiwenza ingxenye yokuzisiza ekwelulameni, ngagcina sengamukelile ukuthi uLira omdala akasekho. Ngazibuza ukuthi kazi uLira omusha uzoba njani. Bengilokhu ngizinika isikhathi ngizama ukumjwayela, ngizwa sengikulungele ukunika umphakathi uLira omusha,” kusho yena. 

ULira uzobe ecula okokuqala – selokhu elulamile – kwiBassline Fest Africa Day Celebration mhla ka-25 kuNhlaba (May) nonyaka, eConstitution Hill, eGoli. Uthe ukuhlaselwa wunhlangothi kumnike ithuba lesibili empilweni. 

Previous articleOwe-ANC usola izimbangi “ngokuvuka” kwecala lenkohlakalo
Next articleUngene ehlazweni umasipala “okweletayo” kushaqwa impahla