U-principal ukhale ngomsebenzi wakhe ecela ibheyili kwelokufa kwephoyisa

337

JOHN HLONGWA 

UKHALE ngokuthi kuzocekeleka phansi umsebenzi wakhe wokuba nguthishanhloko uma isicelo sakhe sebheyili sichithwa uMnu Sithembiso Khumalo (53), waKwaMaphumulo, ongummangalelwa ecaleni lokubulawa kukaCapt Thomas Ntombela wakwa-S, eMlazi, owayeyiphoyisa
likaMasipala weTheku. Ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi noNkk Faith Ntombela (osesithombeni) – oyinkosikazi kamufi – noKhulani Cele, oyinkabi evele idonsa udilikajele ngelinye icala. 

Imantshi ithe makaphumele phandle uKhulani ngesikhathi  kulalelwe isicelo sebheyili sikaNkk Ntombela nesikaKhumalo. 

Ummeli kaNkk Ntombela, uMnu Ashwin Rughabeer, ufunde incwadi efungelwe yekilayenti lakhe ngesikhathi elicelela ibheyeli. 

“Ngiyazibophezela ukuthi ngizohambisana nemibandela yebheyili, ngeke ngiluphazamise uphenyo futhi ngeke ngixhumane nofakazi,” kusho ingxenye yencwadi kaNkk Ntombela.

UKhumalo, obemelwe nguNkz uNomfundo Mthethwa, incwadi yakhe efungelwe ithi: “Ngingowesilisa oneminyaka ewu-53, ngishadelwe, nginezingane ezine nabazukulu ababili. Bonke laba bantu bathembele kimina, yimina
obondlayo. 

“Umkami unguthisha, kodwa yena usiza kakhulu abasekhweni. Nginemizi emibili – kukhona oseMaqumbi, eStanger noseNewlands, eThekwini, lapho kuhlala khona umama. Ngikhokha ibondi ka-R500  000.”

Uveze ukuthi kukhona akwenzela umphakathi ngakubo. 

“Ngineqembu likanobhutshuzayo, nginepulazi lezingulube nendawo yokulungisa izimoto. Emsebenzini ngihola R29  000. Ngicela inkantolo inginike ibheyili ngoba umsebenzi wami uzoba sehlazweni, amabhizinisi azowa. Ofakazi becala kangibazi,” kusho uKhumalo. 

Ngemuva kolulalela lezi zethulo, imantshi ikuhlelisele isonto elizayo ukuqhubeka kokulalelwa kwezicelo zabo.

hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleSimenyelwa nemicimbi yezingane ngoba kufuneka utshwala
Next articleI-World Bank nesexwayiso kwiNingizimu Afrika ngobugebengu