NHLANHLA HUDLA
ULUCAS “Rhoo” Radebe owayengukaputeni weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana, ukholwa wukuthi elakuleli lenza iphutha elikhulu ngokudedela uClive “The Dog” Barker ukuba angayi emidlalweni yeNdebe yo-Mhlaba eyayiseFrance ngo-1998. URadebe uzwakalise lokhu ngenkathi kunenkonzo yokuvalelisa lo mqeqeshi owashaya into ecokeme kwiBafana eyihola inqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon)m ngo-1996. Lo mqeqeshi waphinda waho la lesi sikwati singena okokuqala ngqa emlandweni waso kwi-Ndebe yoMhlaba eyayiseFrance. Nokho uBarker wesula ngoZibandlela (December) wango-1997 emuva kokuba iBafana iphume ekuseni kwiFifa Confederations Cup eyayidlalelwa eSaudi Arabia.
“Silimele kakhulu ngokuhamba komuntu onomlando ongaka ebholeni lethu. “Ngikholwa wukuthi kuyophinda kuthathe isikhathi eside ukuba nomuntu ofana naye. “Ngikhuluma ngomuntu owayekwazi ukwenza umdlali azizwe ebalulekile. “Indlela ayenothando ngayo, wayeze aludlulisele ngisho emindenini yethu imbala. “Indlela ayenza ngayo izinto kayejwayekile kubaqeqeshi. Ngikholwa wukuthi ukuba sasinamandla okuba nezwi eqenjini lesizwe njengabadlali, sasingeke sivume ukuba uBarker angahambi nathi ukuya eFrance. “Empeleni kusukela lapho, kuningi kakhulu okwenzeka. “Le nto yokuthi kulandwe umqeqeshi wangaphandle, yiyona eyenza iqembu lehluleka wukwenza kahle kuleya midlalo (elakuleli laphuma ekuseni eFrance). “Ngikholwa wukuthi kwakuzokuba ngcono ukuba saqhubeka naye kwazise wayekwazi ukusebenza nathi. “Ngikhuluma ngomuntu owayekwazi ukukhuluma nomdlali ngayedwa, amazise ngokumele akwenze,” kushouRadebe owagcina esengukaputeni kuleli qembu. UBarker ushone ngoMgqibelo ekuseni emuva kokuxinwa wukugula.