SKHOSIPHI MTHEMBU
UBABAZA ukuba yimbumba kwabantu ngenhloso yokumelekelela owesilisa onenkinga yezinso, odinga u-R3 000 masonto wonke ukuze zihlanzwe ukumgcina ephila njengoba enikelelwe u-R56 000 ezinsukwini eziwu-6 kufakwe udaba lwakhe kuFacebook. UMnu Vukile Khumalo (39) (osesithombeni) waseShowe, ubhekene nenkinga kuvela ukuthi inkinga yezinso zakhe isisesigabeni sesihlanu, okwenza kuphoqe ukuba azihlanze kabili ngesonto (kidney dialysis).
Ukungalutholi usizo ngokushesha esibhedlela sikahulumeni – njengoba kusamele alinde umuntu ozomnikelela ngenso – kugcine kumphoqa ukuba athole usizo esibhedlela esizimele. Lokhu kusho ukuthi njalo ngesonto kufanele akhokhe u-R3 000, kwazise uthi odokotela bamtshela emehlweni ukuthi uma engalutholi usizo ngokushesha, ngeke aphile isikhathi eside.
Unqume ukubhala ezinkundleni zokuxhumana ngosizi abhekene nalo. Umbhalo wakhe ubonwe nanguMnu Zwakele Mncwango ohola i-ActionSA Kwa-Zulu-Natal, othintekile, wabhala ekhasini lakhe leFacebook, ecela ukuba abantu banikele ngokuncane abanakho kwi-account kaKhumalo.
Indlela abantu abasabele ngayo, esikhathini esingaphansi kwezinsuku eziwu-6 besebenikele ngo-R56 198.
Ekhuluma neLANGA uKhumalo, uthe le nkinga yakhe iqale eminyakeni embalwa edlule. Uthi uqale waba nenkinga yomfutho wegazi ophezulu ngokwedlulele (bp). Uye emtholampilo wanikwa amaphilisi ukuzama ukwehlisa le nkinga. Kuhambe isikhathi waqala ukukhathala emzimbeni, ejuluka kakhulu kanti nasemehlweni ubesenenkinga yokubona kahle. “Ngibuyele emtholampilo, bangiyalela ukuya esibhedlela. Esibhedlela bangihlole umchamo kwabuya imiphumela ethi izinso zami kazisekho esimeni esihle,” esho.
Uthi umndeni wakhe welekelelile ngokumkhokhela esalinde ukungena ohlelweni lwasesibhedlela sikahulumeni kanti nonina uzamile ukumfaka kwi-medical aid, kodwa kwathiwa kumele alinde unyaka. “Indlela abantu abenze ngayo ezinkundleni zokuxhumana emuva kokubika udaba lwami, ingimangalisile kakhulu. UMncwango ulubone khona, wangithinta efuna ukwazi ukuthi kwenzekani. Imali enginikelelwe yona njengamanje izokwazi ukungiqhuba izi-nyanga ezine kulolu hlelo lokuhlanza izinso. Ngibonga kubo bonke abafake isandla,” esho.
UMncwango uthe okwenziwe ngabantu naye kummangazile. Uthe lokhu kuyinkomba yokuthi abantu izinkundla zokuxhumana kabazisebenzisi nje kuphela ukwethuka abanye, kodwa bayakwazi ukwelekelela uma kukhona odinga usizo. “Inhloso wukuthi imali ifinyelele ku-R100 000 ukuze ezoqhubeka nohlelo lokuhlanza izinso kuze kube uyaluthola olunye usizo,” kusho uMncwango.
skhom@ilanganews.co.za