Ubaleke ngemoto yomsebenzi obulale umkakhe emagcekeni kamasipala

384

PHUMLANI GAMA

KUME ukusebenza emahhovisi kaMasipala uMhlathuze emuva kwesigameko sokuhlasela kowesilisa adubule, abulale umkakhe phambi kozakwabo ngoLwesithathu. UNkk Jabulisiwe Mthethwa (42) (osesithombeni), kuthiwa udutshulwe wabulawa ngumsolwa, naye oyisisebenzi salo masipala. 

Kubikwa ukuthi umsolwa ufike wafuna ukuhamba nomufi, okuthe uma enqaba, wadinwa wadonsa isibhamu wamdubula amahlandla amathathu, washonela endaweni yesigameko. Kuthiwa uqede ukwenza lokhu wagijima waphonseka elolini likamasipala asebenza ngalo, wabaleka ngalo elibangise emzini wabo oseNgwelezane. 

Kuthe esesendleleni, abalawula ukuhamba kwezimoto zalo masipala – ngokubambisana nenkampani yesiqophamkhondo (tracker), bayimisa iloli. Kuthe uma umsolwa ebona ukuthi kalisahambi, wehla wangena emzini wakhe, washiya isibhamu agile ngaso umkhuba. 

IMeya yaseMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi, ithe lesi sigameko siholele ekutheni kudedelwe izisebenzi ziye emakubo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa athole umbiko ngesigameko sokudubula esenzeke emagcekeni omasipala. “Amaphoyisa alandele umkhondo wemoto owaholele emzini womsolwa, okuyilapho efike athola isibhamu esingenazo izinombolo,” esho. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleUmnyango ufisa amaphoyisa avalele abahlasele umhloli
Next articleUnesibindi sokupereza imbudane ngeNingizimu Afrika owahlulwa yibhola kwiChiefs!