Kusezandleni zeChiefs ukudlulela kwi-quarter final yeCaf Champions League
SENZO SOKHELA
USOLE abadlali bakhe ngokwenza amaphutha abafana besikole umqe-qeshi weKaizer Chiefs ezakhe zibambana ngo-2-2 ne-Stellenbosch koweDStv Premier-ship ngoLwesibili ntambama eFNB Stadium, eSoweto.
Amagoli eChiefs avalelwe ene-thini ngoLeonardo Castro noNkosingiphile Ngcobo, kwathi awe-Stellies wona ashaywa ngoNathan Sinkala noPhathutshedzo Nange.
UGavin Hunt ololonga iChiefs uthi amaphutha abafana besikole enziwe ngabadlali bakhe ikakhulukazi basemuva yiwona abenze-le phansi.
“Sinenkinga enkulu ngale sizi-ni emuva, siyaphoxa, sidlala into engekho.
“Umdlalo siwuqale ngegiya eli-phansi kodwa ngokuhamba kwe-sikhathi saya silokhu sivuka.
“Igoli labo lesibili kube yiphutha ongalithola kumfana wesiko-le. Simaka ngendlela ebhedayo emuva. Le nto isisibulale isizini yonke.
“Sazi kahle ukuthi iStellenbo-sch uma nifuna ukuthengana naso siyajabula ngoba yilona bhola esilidlalayo, kusho uHunt.
Ebuzwa ukuthi ulibona kanjani izinga labagadli bakhe uthe: “Uma ungumgadli kufanele usebenze kanzima.
“Kulo mdlalo abagadli bethu bebedlalela kude namapali.
“Ngeke ngiqambe amanga ngidumele ngomphumela esiwutholile besingenza kangcono kabi,’’ kusho uHunt.
IChiefs izobhekana neHoroya yaseGuinea koka-group C koweCaf Champions League ngeSonto ngo-21h00 kulo leli ya lizwe.
IChiefs kufanele iwunqobe ku-mnyama kubomvu lo mdlalo uma kungukuthi ifuna ukudlulela ku-ma-quater final.
UHunt uthi bazokwenza ngawo wonke amandla abanawo ukuwu-nqoba lo mdlalo. Nokho uthi nge-ke ube lula neze.
USteve Barker ololonga iSte-llies uthi uneme ngephuzu abalitholile.
‘’Besazi ukuthi umdlalo wethu nabo uzoba namagoli. Kodwa-ke ngikholwa wukuthi besingawu-ntshontsha, sibavumele thina ukuthi babuye umdlalo usuzo-phela.
“Angikhali kakhulu ngijabule ngephuzu esilitholile,’’ kusho uBarker.