Ubalisa ngesifo esihlasele iChiefs

638

UHunt unovalo ngokubhekana namaBhakabhaka

SENZO SOKHELA

UBALISA ngesifo esihlasele eqenjini lakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, obhekene nobunzima kule kilabhu. 

IChiefs izobhekana nomkhaya, i-Orlando Pirates, emlenzeni wokuqala we-semi final yeMTN8 ngoMgqibelo ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.  

IChiefs iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu njengoba iguqise ngo-1-0 iChippa United koweligi ngoLwesithathu kusihlwa, eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi. 

Inqobe lo mdlalo ngomkhonto ogwaze ekhaya kaGregory Damons odlala emuva olihlohle ngakubo ngomzuzu ka-77.  

UHunt uyabalisa ngezinga lokushwetshwa kwamathuba kwezakhe njengoba ekholwa wukuthi lesi sifo singase sibadalele inkinga ngokuhamba kwesikhathi. 

Ebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba eya emdlalweni weBucs emuva kokunqoba kwiChippa uthe: “Sakhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo kodwa sangawasebenzisa. Angazi ipali silishaye izikhawu ezingaki. 

“Ngesiwombe sesibili unozinti wabo cishe kunemizuzu emihlanu yonke lapho ubevimba kwasani ebesiza nalo. 

“Bese nginovalo ngicabanga ukuthi bazovele bathole ithuba elingatheni bavele balibeke enethini. 

“Kuzofanele sishintshe ukwenza njengoba siya kulo mdlalo womkhaya ngoba ngeke sihlale sivunwa yizinto njalo,’’ kusho uHunt.

Uthi ugezeke igilo yindlela ezakhe ezidlale ngayo.  

“Kuyaqala ukuthi sidlale ibhola elihle kanjena, kulo mdlalo sidlale into ehlelekile. 

“UNjabulo Blom udlale ingcwenga yebhola esiswini. 

“UNkosingiphile Ngcobo naye ushaye into ecokeme. 

“Empeleni iqembu lonke lenze kahle ngoba noPhilani Zulu engisebenze naye izinsukwana ezimbalwa udlale kahle kakhulu. 

“Kasethembe-ke ukuthi ngeke kube yinto ezophela nje manje, kufanele siqhubeke nayo nasemidlalweni ezayo,’’ kusho uHunt.

ULehloholono Seema ololonga iChippa uthi angeke nangengozi abagxeke abadlali bakhe. 

“IChiefs ibingcono kunathi injalo nje yakhe inqwaba yamathuba. 

“Kodwa-ke sikwenzile okungangamandla ethu, ngeke nangengozi ngibagxeke abadlali bami bazamile kulo mdlalo,’’ kusho uSeema.

Previous articleUzakhele Fugazi ngokufuna kusizwe abasemakhaya
Next articleBathuka izanya abahlaselwe yiqembu lemigulukudu