NONHLAKANIPHO SHINGA
UKHALA ngokufela “ukuhluleka” kwabaculi abencintisana nabo engomeni yokuhlukanisa unyaka oKhozini FM uDJ wesifazane, oqubule izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana abanye abantu beshiya abangalazi kuyena emuva kokuba ingoma yakhe ethi “Isibani” idle umhlanganiso. UHlosiwe “DJ Hlo” Mthalane (24) waseSeaview, eThekwini, uqale ukuba sematheni abantu bekhononda ngokuthi ungene kanjani kwi-top 10 yoKhozi FM obekuvotelwa kuyona ingoma ezohlukanisa unyaka ngoba akaziwa.
Ekhuluma neLANGA uDJ Hlo emuva kokuba ingoma yakhe ihlukanise unyaka ngamavoti awu-214 966 uthi kayikho inhlamba angachashwa-nga ngayo, kodwa noma kunjalo, lokho ngeke kumenze ayeke ukujabulela ukuphumelela kwakhe. “Ngoba vele kade baqala bengithuka ngayo yonke inhlamba ongayicabanga, kakusazweli. Ngale kwalokho, nginabantu abaningi abangesekayo, abangithandayo nabakholelwayo kimina. “Baningi abebengishayela ucingo bengiqinisa idolo, abanye bebheka ukuthi kangiphathekile yini kabi. Ngibonga lolu thando olungaka engilutholile,” kusho yena.
Uthi kusammangalisa namanje ukugxekwa ngokuphumelela kwakhe yize ebesebenza kanzima kangaka enxenxa abantu ukuba bamvotele. “Bengihambela amabandla ngiyocela izibusiso namavoti. Ngize ngaya ngisho eNdlunkulu kaZulu ngiyocela izibusiso nakhona. “Yonke indawo lapho bengihamba khona, benginxenxa abantu, ngisho nasezinkundleni zokuxhumana imbala,” kusho yena. Uthi kuyamxaka ukuthi kukhona abakholwa wukuthi bekufanele kuphumelele abanye abaculi, hhayi yena kwazise akadlanga voti lamuntu.
“La mavoti engiwatholile ngawabantu abebevotela mina, uma bengingafanelwe wukuphumelela, aphi pho la mavoti abantu obekufanele badle umhlanganiso ngoba phela akekho noyedwa kubona okwazile ukudlula noma ku-200 000 wamavoti? Manje sengithwele icala labantu abangazange bavotelwe sengathi ngidle amavoti abo!” kusho yena. Uthi kukhona abamthukayo bathi kungenzeka ukuthi uyintombi yomunye wabasakazi boKhozi FM (abaze bambize ngegama), abanye bathi ugwazile. Uthi kusukela ingoma yakhe ihlukanise unyaka, kungena inqwaba yezingcingo ezivela kubaculi abaziwayo abafuna ukusebenza naye. UDJ Hlo uneziqu ze-Industrial Psychology and Management azithole e-University of KwaZulu-Natal ngo-2019