Ubambelela ngesidindi umqeqeshi weChiefs

452

UKwinika ulicishe ngegoli seliyoshona iphutha lakhe

MFANAFUTHI NDLOVU
UYAQHUBEKA nezaba umqeqeshi weKaizer Chiefs ecazelane amaphuzu neMarumo Gallants kuba ngu-1-1 koweDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama eRoyal Bafokeng Sports Palace, eNorth West. IChiefs iphunyuke emlonyeni wengwenya kulo mdlalo njengoba iGallants ibisho ukuyicoboshisa, yasizwa wukukhishwa ngekhadi elibomvu kuka-Olivier Toure ngomzuzu ka-65 okwenze iGallants yaqeda umdlalo ingasaphelele. UToure ukhishwe iGallants ihamba phambili ngo-1-0 wegoli likaMahlatse Makudubela elingene ngomzuzu ka-12 emuva kweminyakazo emihle yalo mdlali.


Leli goli lidaleke emuva kokuba uKwinika Zitha ephisane ngebhola endaweni eyingozi. Elokulinganisa leziMpofana liqhamuke naye uKwinika ngomzuzu ka-83, ecisha iphutha lakhe lesiwombe sokuqala. Nokho abaningi bakholwa wukuthi leli goli uKwinika ulishaye esemhlabeni ongafanele (offside). U-Arthur “10111” Zwane, ongumqeqeshi weChiefs, emuva kwalo mdlalo uthe nakuba bengabanga nomdlalo omuhle kodwa bekumele bathole amaphuzu aphelele. Uthi bebebhekene nekilabhu engazange ibanike ubunzima bokuthi ingabehlula. “Abadlali bavele bajama enkundleni kangaze ngaqonda ukuthi kwenzakalani.


“Nokho abalandeli kumele bakuqonde ukuthi sisayakha kabusha ikilabhu. “Sizolokhu siqhubeka nokulungisa amaphutha esilokhu siwabona. “Ngiphoxekile ngalo mphumela ngoba ngikholwa wukuthi bekumele sithole okungcono,” kusho uZwane. Ubuye wazivikela kulabo abamsola ngokuthi akasazi isikimu okumele asisebenzise emidlalweni njengoba esishintshashintsha njalo. “Kayikho nami into engingayenza ngoba sihlushwa wukulinyalelwa ngabadlali okwenza ngiphoqeleke ukusebenzisa abanye,” kusho uZwane. URaymond Mdaka, oyibamba lomqeqeshi kwiGallants, naye uzwakalise ukudumala ngokuphunyukwa yinyamazane sebeyibambile.


“Ngaphandle nje kokuthi sithole ikhadi elibomvu, okungi-phoxayo wukuthi njalo sidedela amagoli nasemidlalweni lapho esisuke siyibhakuzise kuqala inethi. Nokho sizoqhubeka nokufunda, silungise amaphutha ethu,” kusho uMdaka. Isiyonke imiphumela yeDStv Premiership imi kanjena: Marumo Gallants 1, Chiefs 1; Sundowns 2, Arrows 1; Pirates 2, TS Galaxy 0; Swallows 1, Stellenbosch 2; AmaZulu 1, Chippa 2; Maritzburg 1, SuperSport 2.

Previous articleAbebezenza amaphoyisa baqothe (04) bashisa abafi
Next articleBanovalo ngokuqothwa komndeni ngabangaziwa