Ubambelela ngezidindi umqeqeshi weChiefs

459

Ibhekene neshobolo eliqalayo ukwenzeka emlandweni wayo

UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
UBAMBELELA ngezidindi umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane ngezizathu akholwa wukuthi yizona ezenza le kilabhu ingabi nalo uzinzo lokuthola imiphumela emihle ilandelana. IChiefs izobhekana neMaritzburg United koweLast 32 yeNedbank Cup kusasa ngoLwesihlanu ngo 19h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. IChiefs ibhekiwe ukuthi izokwenza kanjani kulo mqhudelwano kwazise sekuphele iminyaka ecela eshumini ingayazi inkomishi emqoka, okuyinto eqalayo ukwenzeka selokhu yasungulwa ngo-1970. Ngaphandle kwalokho, iya kulo mdlalo nje, kayikho efomini egculisayo njengoba yehla yenyuka ifomu yayo.


UZwane uthi ukulinyalelwa njalo kwale kilabhu ngabadlali abawumgogodla yikhona okwenza ukuthi ingabi nozinzo lokuthola imiphumela emihle ilandelana. Nokho phambilini le kilabhu yathi akekho umdlali osayina kuyona engekho ezingeni lokugqoka ijezi layo. “Ngicabanga ukuthi izinto zibuye zingasihambeli kahle uma kuziwa ngasohlangothini lokulinyalelwa, okwenza ukuthi singawubambi umgqigqo.“Sifike sidlale umdlalo owodwa, sithi sesibheke kowesithathu, kokunye kowesibili silahlekelwe ngumdlali omqoka ngenxa yokulimala. “Ngesinye isikhathi yisimo esisuke singeke sisenze lutho, yishwa nje. “Emuva kwalokho kufanele sishintshe isikimu sethu sesipatanisa nakhona.


“Ngesinye isikhathi sisuke singazi nokuthi kufanele simise kanjani. “Silahlekelwe ngabadlali ababili komunye umdlalo, okunguKeagan Dolly noCaleb Bimenyimana. “Uma uhlehla ubuka kuqala isizini, sinqobe umdlalo weRichards Bay sishoda. “EKapa safike salahlekelwa nguYusuf Maart. “Yiyona nkinga esibhekene nayo selokhu kuqale isizini,” kusho uZwane. Uthi yize kunjalo kabafuni ukugxila kokubi ngoba ngeke kubelekelele ukuya phambili. “Kakufanele ngaso sonke isikhathi sigxile kokubi, kumele siqinise kulokhu okuhle nalokhu okusisebenzelayo. “Sizoqhubeka nokwenza lokho. “Kufanele sizame ukuqinisa ekulungiseni lokhu esikwenza kahle engikholwa wukuthi uma senze njalo, konke kuzohamba kahle.”

Previous articleKushaqwe owombhoxo ngokufa komfundi waseTUT
Next articleKUBOSHWE OWOMNDENI NGESIDUMBU ESIGQITSHWE EGCEKENI