PHUMLANI GAMA
UBANJISWE wucingo lukamufi owesilisa (40) okuthiwa ushaye wabulala umlamu wakhe qede wamgqiba emgodini ongashoni egcekeni lomuzi wakhe eNtenga, eJozini. Kuhlwe emini ngesikhathi kugasela amaphoyisa ezomshaqa ngezinsolo zokubulala umlamu wakhe uNkz Nobuhle Jobe (29), obese kuphele amasonto awu-6 anyamalala. ILANGA lithole ukuthi amaphoyisa alandele umkhondo ngocingo
lukamufi, athola ukuthi umuntu agcina ukuxhumana naye ngaphambi kokuba anyamalale ngumlamu wakhe.
UNkz Jobe wanyamalala mhlaka-6 kuNhlolanja (February), isidumbu sakhe size satholakala ngoLwesihlanu sigqitshwe egcekeni lomuzi okugane kuwona omunye wodadewabo. Umsolwa ushaqwe ngamaphoyisa ophiko olulwisana nobugebengu obuhleliwe asesiteshini saseJozini. UNkz Jobe wagcina ukubonakala ephuma kubo eWelcome, elibangise eThekwini, kodwa wangabe esafika. Kwavela ukuthi igama lakhe kaliveli kubantu ababegibele itekisi eyayisuka eJozini ibheke eThekwini.
UMnu Thulani Mbuyisa, ongumfowabo kamufi uthi kubaphathe kabi kakhulu okwenziwe ngumlamu wabo ngoba bebemethemba, futhi bengazitsheli ukuthi uyena onesandla ekunyamalaleni kukadadewabo.
“Sithole ucingo oluvela kumphenyi wecala, esitshela ukuthi masiphuthume egcekeni lomuzi kasibali wethu eNtenga. Kuthe uma sifika khona sathola amaphoyisa ematasa nomsebenzi wokugubha ithuna elingashoni, maqede kwakhishwa isidumbu sikadadewethu.
“Sithole ukuthi waqala ngokumshaya, okwathi uma esephelelwe ngamandla ezama ukubalekela emzini ongumakhelwane wamqedela wambulala. Akucaci ukuthi yini isizathu esaholela ekutheni ambulale kabuhlungu ngalolu hlobo.
“Siyabuzwa ubuhlungu ngalesi senzo sikasibali. Siyafisa ukuthi athole isigwebo sokubolela ejele ngoba akwenzile kubi futhi akulungile.Lo muntu uthatha ingane yakwethu okumanje iseThekwini izibambela amatoho nayo lena bekufanele ibuyele khona iyozisebenzela ukuze izokwazi ukuzondla,” kusho uMnu Mbuyisa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal Colonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokutholakala kwesidumbu sowesifazane, okwabikwa ukuthi unyamalele.