Ubanjiswe yiWhatsApposolwa ngokushisa umuzi

384

Kwafa ingane, kwalimala kabi ezinye ezimbili

UBANJISWE yiWhatsApp owesilisa osolwa ngokushisa izingane zowesifazane obeyisinqandamathe sakhe ngoba engafuni ukwaliwa. ILANGA lihabule ukuthi umsolwa, uMnu Sbusiso Mamba waseMandeni, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesithathu ebhace eNewcastle, ngalesi sigameko esenzeka ngoLwezi (November) nyakenye. Leli phephandaba lithole ukuthi umsolwa uthumelele umqhafazo ngoWhatsApp, esebenzisa inombolo yomngani wakhe nokuyiyo amaphoyisa amlandelele ngayo, zabe seziyamkhalela. Ngenyanga edlule ILANGA labika kabanzi ngalolu daba, lapho kuthiwa umsolwa washisa umuzi walowo owayeyisinqandamathe sakhe nokwaholela ekushoneni kwengane uBayanda Ngiba, owayengaphakathi endlini.

Kulesi sigameko, kwasha nezinye izingane ezimbili ezizalwa nguNkz Phumzile Khoza, obethandana nomsolwa. Kubikwe ukuthi laba babenobudlelwano isikhathi eside, kwaqala izinkinga ezaholela ekutheni bahlukane. Kuthiwa kazehlanga kahle izindaba zokwaliwa kumsolwa njengoba wayesongela lo wesifazane, ethi kumele amkhokhele uR5 000, ngale kwalokho uzomenza into embi. Umsolwa ubesesabisa uNkz Khoza ngokuthi uzombulala nokwamphoqa ukuba ayofuna incwadi yesivimbelo senkantolo. Ngosuku ayisayina ngayo incwadi yasenkantolo, umsolwa kuthiwa wabuya ebusuku wajikijela ibhomu likaphethiloli, okwaholela ekutheni kushone uBayanda ozalwa ngudadewabo kaNkzn Khoza, kwasha kanzima nezingane zakhe.


Ekhuluma neLANGA emuva kokuboshwa komsolwa, uNkz Khoza uthe ujabule kakhulu, futhi usezizwa ephephile. Uthi bekumkhathaza ukuthi umsolwa uyacanasa, kwazise ubeke amshayele ucingo exolisa ngento ayenza. Uthi lokhu bekumenza angakhululeki ngoba ubengamhlasela noma nini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuboshwa komsolwa, wathi uvelile ngoLwesihlanu enkantolo yeMantshi yaseNyoni, uzophinde abuyele maduze enkantolo.

Previous articleUqhekeko phakathikweSilo noShenge
Next articleIndidakubulawa owesiKebhe obenamatekisi