“Ubanjwe” ebhalela omunye umfundi umatikuletsheni

326

MTHOBISI SITHOLE

UBANJWE oqotsheni umfundi ebhalela omunye iphepha le-Economics ngoLwesibili, ePhendukani High School, eNewcastle. 

Kubikwa ukuthi lo mfundi ofike eyobhala ngokuzimele, ubehleli esikhaleni somunye umfundi obhala kulesi sikole ngezikhathi ezithile, izifundo ezikhethekile (part time).  

Kuthiwa ubanjwe ngesikhathi esinye sezikhulu eziphezulu zezemfundo KwaZulu-Natal sivakashele kulesi sikole, sihlola ukubhalwa kwezivivinyo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe ngesikhathi sekubanjwe lo mfundi, udaba lwakhe ludluliselwe emaphoyiseni ngokwenza inkohlakalo yokuzenza omunye umfundi.

UMengameli weNatu, uMnu Sbusiso Malinga, uthe bayawuncoma kakhulu uMnyango wezeMfundo ngokubamba umsolwa “oyisigangi”. 

Uthe uma sekuphenyiwe kwatholakala ubufakazi, kufanele abhekane nejele.

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, uthe bajabule ngokubanjwa komfundi ngoba kudluliseleka umyalezo nakwabanye abacabanga ukuganga. 

“Lokhu okwenzekile kuvula amehlo nabanye abagangile. Okusijabulise kakhulu wukuthi isigangi sibanjwe kusaqalwa nje ukubhalwa izivivinyo,” kusho uNkz Caluza. 

IPhendukani High ngesinye sezikole ezihamba phambili ngemiphumela emihle kumatikuletsheni. Nyakenye ikhiqize umfundi owagila izimanga ngemiphumela emihle nasezingeni likazwelonke.

Previous articleAngase abhekane necala lokwedelela inkantolo uNzimande
Next articleWenqatshelwe ukubhala u-matric esolwa ngokulova