UBANJWE ETHWABAZA OBEFUNWA NGELOKUDLWENGULA NOKUBULALA

485
UNKZ Sphesihle Mthembu isidumbu sakhe esatholwa ehlathini siboshwe izandla, sinqunu ngezansi.

SKHOSIPHI MTHEMBU
ULAHLWE ngelakubo owesilisa waseRichards Bay obese kuyophela izinyanga ezintathu efunwa uthuli ngamaphoyisa ngecala lokudlwengula abulale owesifazane, okusolwa ukuthi ubethandana naye. Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNkz Sphesihle Mthembu, waseMabhuyeni, eSikhawini, satholwa siboshwe izandla, silahlwe ehlathini singagqokile ngezansi, emuva kokuba umsolwa emlande emsebenzini ebusuku. Umsolwa, ongeke adalulwe kuze kube uvela enkantolo, ushaqwe ngamaphoyisa aseMtubatuba ebambisane nawaseRichards Bay ngoLwesine, esekubhaceni, KwaNongoma.


Amaphoyisa ancinzwa indlebe ngokuthi uzifihle kuphi nendawo abe esenikela khona, azithela kumsolwa ethwayiza emgwaqweni, engazi nanyaka. Ubhekene necala lokudlwengula, elokubulala, nelokusabisa. ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi umsolwa uboshwa nje, ubesephila impilo yokuthi aphume endlini uma sekuhwalele kuphela njengoba ubazi ukuthi uyafunwa yingalo yomthetho. Umthombo utshele leli phephandaba ukuthi amaphoyisa anikele kule ndawo abecashe kuyona ngenhloso yokuba abone lapho ecashe khona ukuze ezobuya ezomshaqa uma sekuhwalele.


“Amaphoyisa azithele kuyena endleleni ehamba, engazi nanyaka. “Kawabange esapholisa maseko, ajika amlandela kanti uzosola ukuthi khona okushaya amanzi wabe esecela empunzini. “Aphumile amaphoyisa, zagadulisana waze wayongena ehlathini, ambamba,” kusho umthombo. Ngokuthola kweLANGA, umsolwa wathatha umufi esemsebenzini, emuva kwalokho akaphindanga wabonakala. Kuvele ukuthi uNkz Mthembu wagcina ukubonakala eya emsebenzini eyongena ebusuku njengoba ubesebenza egalaji. Kubikwa ukuthi umsolwa wafika emsebenzini kaNkz Mthembu, baxoxa naye isikhathi eside ngaphambi kokuba bahambe.


Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni uhlebele leli phephandaba ukuthi umsolwa akagcinanga ngokudlwengula abulale lona wesifazane, kodwa waphinde wesabisa ilungu lomphakathi leCommunity Policing Forum, elisola ngokusabalalisa izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukubulawa kukaNkz Mthembu. “Izithombe zakhe umsolwa zisabalale ezinkundleni zokuxhumana, ukuthi ufunwa ngamaphoyisa. “Usuke lapho wayosabiza ilungu leCPF elisola ngokuthi yilona elifake izithombe zakhe njengoba bese kwaziwa ukuthi nguyena owenze lokhu,” kusho umthombo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala uthe kuvulwe icala lokubulala, wathi ukhona umsolwa oboshiwe ngalokhu kanti uzovela maduze enkantolo. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUYINGANE EZIKHULULEKELE ‘UDANOSOLI’
Next articleUTshatha nesikhundla sokudidiyela amabutho