Ubanjwe nomakhalekhukhwini kamufi omunye wabasolwa kwelokudlwengula nokubulala

212

INTATHELI YELANGA 

UBANJWE nomakhalekhukhwini omunye wabasolwa ecaleni lokudlwengula kubulawe intombazane (17) yaseMlazi ngoNhlaba (May) nonyaka. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abophe abesilisa ababili, oneminyaka ewu-39 noneminyaka ewu-25 ubudala ngecala lokudlwengula kubulawe u-Aphiwe Ngcobo. Ngokwesitatimende samaphoyisa, omunye wabasolwa ubanjwe eMalukazi, eMlazi, omunye wabanjwa eClermont. 

Kubikwa ukuthi u-Aphiwe wayekubo emini ngoba wayengabhali ngalelo langa, wahlaselwa ngabasolwa ababeyogqekeza. 

NgoMgqibelo, uphenyo lwamaphoyisa luwaholele eMalukazi kowesilisa oneminyaka ewu-25, okubikwa ukuthi utholakale ephethe umakhalekhukhwini kamufi. Aqhubekile nokuthungatha umsolwa wesibili okuvele ukuthi uyibhantinti, amthola eClermont. 

Okhulumela amaphoyisa  KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe abasolwa babekwe amacala okubulala nawoku-dlwengula.

www.ilanganews.co.za

Previous article“Uyaphela umbuso” kubalandeli abakhokhelwa izindleko zokuya emidlalweni yezwe
Next articleU-Boxer nesethembiso kubalimi abasafufusa