Ubavale imilomo umqeqeshi weBucs

475

Amathe abuyele kwasifuba ezibula ngeyeMTN8 ezifikela kuleli

ABADLALI nethimba labaqeqeshi be-Orlando Pirates bejabulela indebe yeMTN8 eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo kusihlwa.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
UVALE imilomo yabebemudelela uJose Riveiro waseSpain ongumqeqeshi we-Orlando Pirates njengoba kukhona abambiza ngo-plumber ongazi lutho ngonobhutshuzwayo ngesikhathi eqashwa. Lo mqeqeshi unqobele iBucs isicoco sokuqala ahole le kilabhu kusona ehlula AmaZuluFC ngo-1-0 kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Igoli elijabulise izinkumbi zabalandeli beBucs ebezigcwele le nkundla, ligaxeliswe enethini nguMonnapule Saleng ngomzuzu ka-25.

ukuthi baphendulekile abebemngabaza enikwa lo msebenzi. Ngibonga ngiyanconcoza kubaphathi ngokunginika lo msebenzi. “Ngiyethembisa ukuthi ngizokuqinisekisa ukuthi umsebenzi ngiwenza ngendlela, le kilabhu (iqhubeke) inqobe izinkomishi. “Ngikholwa wukuthi ngingumuntu omufanele lo msebenzi kuze kube khona onquma ngenye indlela,” kusho uRiveiro. Uthi AmaZulu abanike umdlalo onzima. “Lo mdlalo ubungelula neze. Kube nzima kakhulu zibekwa, silinyalelwa nguSibisi (uNkosinathi).


“Ngiyajabula ngoba ukulimala kwakhe kakuyiphazamisanga indlela ebesihlele ngayo. “Lo mdlalo ukhombisile ukuthi sinabadlali abavuthiwe emiqondweni. “Ngendlela laba badlali abadlale ngayo ngizibona ngisenhlanhleni ukusebenza nabo. “Izimbangi zethu bezizinhle impela kodwa kakukho okutheni ezikwenzile ngaphandle kwebhola elilodwa elishaye ipali. “Ngaphandle kwalokho, unozinti wethu ubezipholele. Besazi ukuthi uma sibavale esiswini ngeke babe nezimpendulo. “Bebesebenzisa uMaduna (Siphesihle) ukuthola amabhola abo amade ebesiwangqofela ngaphandle kwebhokisi “Sivale yena bangaba naminyakazo. “Ngijabule ngale nkomishi
nokuba yingxenye yomlando wayo njengoba kuzoba ngeyethu unomphelo,” kusho uRiveiro.

Previous articleUbhekene notalatiya ‘usozimali ohweba ngamasheya ezimakethe’
Next articleUTHEMBISA UKUKHUPHULA IZINGA KWIGCWALISA ELANDELAYO