UBaxter ukhala ngobuthaka beChiefs

652

Uthi kwenzeke abengakulindele koweNedbank Cup

SENZO SOKHELA
INDUMALO kumqeqeshi we Kaizer Chiefs osole iqembulakhe ngokuba buthaka macalab wonke likhishwa kwi Nedbank Cup. IChiefs iphoxe abalandeli bayo iguqiswa yiTS Galaxy ngo-1-0 wegoli lika-Augustine Kwem kowe-last 32 yeNedbank Cup ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto. IChiefs iye kulo mdlalo kubhekwe ukuba ibuyise izinduku njengoba ngo-2019 iGalaxy ibahlule ngo-1-0 kowamanqamu wawo lo mqhudelwano eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Nokho kakuhambanga kanjalo njengoba iGalaxy iphinde yathela usawoti esilondeli kubalandeli beChiefs. UStuart Baxter ololonga iChiefs, uthi udumele ngokuphuma kwezakhe zibekwa nje kulo mqhudelwano.


“Igoli esihlulwe ngalo kube yiphutha lethu, saphinde sazohlulwa ngamathuba ambalwa. Kodwa ke sishaye into ephansi, besingekho ezingeni eliphakeme umdlalo uqala kwaze kwabe uyophela. “Besingaphaselani ngendlela nokugebha kwethu bekungekho ezingeni nangendlela nje ebesimaka ngayo besingekho ezingeni. “Besingenawo umdlandla wokudlala owenkomishi kangangoba emuva kwemizuzu ewu-10 kuya kwewu-15 baqalile ukubona ukuthi banalo ithuba, baqala bazethemba uma bephethe ibhola. Indlela esenze ngayo yenze sangakwazi ukukhiqiza okufanele sikukhiqize,” kusho uBaxter.


Ebuzwa ukuthi ngempela konakalephi, uthe: “Abadlali bebebahle silungiselela umdlalo. Ejimini besiseqophelweni eliphezulu kangangoba ukuba okungenani sisebenzise isigamu kwebesikwenza ejimini, besizowunqoba lo mdlalo,” kusho uBaxter. Uthi kuzofanele bakhohlwe ngosekwenzekile, baqale amalungiselelo omdlalo weligi abazobhekana kuwona neCape Town City kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eCape Town Stadium. “Isikhathi kasikho kufanele sibuyele ehhashini siqhubeke ngoba sinomdlalo weligi ngokushesha. Kuzofanele sikuqinisekise ukuthi sisesimweni sokuqhubeka nemidlalo yeligi,” kusho uBaxter.

Previous article14 February 2022
Next articleBahlomule koweLANGA neBerea Tech