UBaxter umfuna kwiChiefs oweBafana

96

Usajima yedwa uCele ohlukane nekilabhu yase-Europe

UTHABO Cele ongumdlali weBafana neqembu lesizwe lika-U/23 okumanje akanakilabhu kanti kubikwa ukuthi ufunwa nguBaxter kwiChiefs.

SENZO SOKHELA 

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uvalele ekhoneni izikhulu zale kilabhu ukuba zimsayinisele umdlali weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana okumanje uhamba entunta engenakilabhu. 

IChiefs izoshaya ibuya emidlalweni yeDStv Premiership ngom-dlalo onzima njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns ngeSonto ngo-17h00 eLoftus Stadium, ePretoria. 

Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uStuart Baxter ololonga iChiefs useyalele izikhulu zale kilabhu ukuba zimsa-yinisele uThabo Cele waKwaMashu obedlala kwiCova da Piedade yasePortugal asanda kwehlukana nayo. 

UCele uke wajima neRadomiak Radom esanda kunyukela eligini enkulu yasePoland. 

Kuthiwa umqeqeshi ubenqumile ukuthi uyamsayinisa kodwa umphathi wakhe wafuna enkulu imali le kilabhu yangabe isamsa-yinisa. 

Kumanje lo mdlali akanakilabhu uzijimela yedwa. 

Nokho leli phephandaba lithole ukuthi uBaxter angakujabulela ukusayinisa lo mdlali eqenjini lakhe yingakho esenxuse abaphathi ukuba bamsayinisele yena. 

“Umfana uyakuthanda ukudlalela iChiefs lokho akakufihli yikhona nje ukuthi ubesafuna ukuqale aqalaze e-Europe njengoba kuyisifiso sakhe ukudlala eligini enkulu kho-na. 

“Ngenhlanhla iwindi alimvaleli, angasayina noma yinini. 

“Engikuzwile wukuthi uBaxter uvalele izikhulu ekhoneni ufuna ukuba zimsayinisele lo mfana. 

“Vele la ebedlala khona ubengaholi imali etheni, iChiefs ngeke ihluleke wukumnika akudingayo. 

“Kodwa-ke sizobona ukuthi kugcina kanjani ngoba nakhona e-Europe akhona amakilabhu akhombisa ukumthanda,’’ kusho umthombo.

UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ebuzwa ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukukhuluma basemhlanganweni ozodonsa isikhathi eside wabe esevala uci-ngo. 

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyimenenja jikelele ye-Chiefs iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lunga-banjwa.

Previous article9 September 2021
Next articleUdangele kukhishwa phambili inkosikazi