Umndeni uthi kawumvuni kwakwenzile
NONHLAKANIPHO SHINGA
UBEKHONZE ezamabhizinisi nomculo u-Andile “Bobo” Mbuthu (16), waseHambanathi, oThongathi, oshaywe kabuhlungu waze washona endaweni yobumnandi iMagagula Lounge, khona eHambanathi, okusabalale imibiko ethi ubesolwa ngokuntshontsha utshwala kule ndawo.
Ukuputshuka kwe-video ekhombisa ngesikhathi abasolwa bemshaya kanzima lo mfanyana, yi-kho okwenze abantu abaningi bazi ngodaba lwakhe.
Ngokusho kukaNkz Sonto Ngidi, ongudadewabo kanina, uthi uBobo – obenza umatikuletsheni eNkosibomvu Secondary School – bebethembe lukhulu kuyena, kwazise ubehlakaniphile, enothando lwezinto ezinenqubekela phambili.
“Njengoba ebefunda umatikuletsheni, ubehlala esitshela nje – ikakhulukazi unina, uNkk Gugu Mbuthu – ukuthi uma eqeda isiko-le uya kofunda emabangeni aphezulu kodwa yize noma ethi akazi ukuthi ubefuna ukufundelani,” kusho yena.
Utshele ILANGA ukuthi uBobo ubengumfanyana okwaziyo ukonga nokusebenzisa imali ngendlela futhi ehlala esho ukuthi uyafisa nokuba semabhizinisini.
“Kangazi noma ubenaso yini isifiso sokuba ngumculi odumile ngelinye ilanga, ko-dwa ubezifela ngomculo,” kusho yena.
Uthi bewumndeni badlulisa
ukubonga okungaphezi ezakham-zini zaseHambanathi naseNingizimu Afrika yonkana ngokubeseka kusukela kuvele imibiko yokunyamalala kwengane yabo ngasekupheleni kwenyanga edlule.
“Kwakuthi size sazi nje ukuthi kwenzekeni kuBobo, yingoba kunamalungu omphakathi alusukumele phezulu udaba lwethu,” kusho yena.
Uchaze uBobo njengengane ebinothando njengoba ebebathanda abantu futhi ekukhonzile ukudlala. “Kasikwazi-ke kodwa njengomndeni ukumvuna sithi ubeyingane engenamaphutha, kodwa obekukuhle ngaye wukuthi uma umsola noma uma etholakale esephutheni, ubelivuma,” kusho yena.
Udlulise ukubonga kwabo ngokunjalo nokukanina kaBobo, ngeminikelo yezintokazi ezisekhasini leFacebook, iLadies House, yize engathandanga ukuphumela obala ngesamba sesisonke.
Ngesikhathi ekhuluma neLANGA, uthe akakwazi nokuchaza isimo umufi
abekusona ngesikhathi kutholakala isidumbu njengoba kuke kwanemibiko ethi isidumbu sakhe besiqotshiwe saphoswa emhosheni.
“Sisalinde amaphoyisa ukuba aqede nokuhlonza isidumbu sakhe bese sithola ithuba
lokusibona kahle njengomndeni. Namalungiselelo omngcwabo
kasikakwazi ukuwaqala ngoba sisalinde amaphoyisa.
“Silindele ukuthi ingalo yomthetho yenze umsebenzi wayo kwabasolwa ekubulaweni
kukaBobo,” kusho yena. emuva kokuba kutholakale isidumbu sikaBobo ngoLwesihla-nu, umphakathi uvuke umbhejazane washiya iMagagula Lounge iwumlotha .
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuboshwe abantu abawu-6 abaholele amaphoyisa emhosheni okutholakale kuwo izicubu. Akukaziwa ukuthi
bazovela nini enkantolo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za