Ubeke iDundee neNingizimuAfrika ebalazweni lomhlaba

497

UPretty ungowokuqala wase-Afrika ukuqokelwa esikhundleni kwi-IBA

UPRETTY Tsotetsi no-Ace Mofu owayengumengameli weSouth African National Boxing Organisation

LINDA XIMBA

IDUNDEE isiphinde yaba wundabizekwayo esibhakeleni njengoba isikhulu sesibhakela, uPretty Tsotetsi, siqokelwe kwi-competitions committee ye-InternationalBoxing Association (IBA). UTsotetsi ungowokuqala ovela ezwenikazi i-Afrika ukuqokelwa esikhundleni kule nhlangano eyengamele isibhakela sama-amesha emhlabeni-jikelele. Uke waba ngunobhala kwi-SA National Boxing Organisation. UTsotetsi utshele ILANGA ukuthi umsebenzi aqokelwe wona kule nhlangano wukuqinisekisa ukuthi imiqhudelwano yase-Afrika neyaphesheya ihamba ngohlelo.


“I-IBA, enenhloko hhovisi eSwitzerland, ingijube ukusebenza emiqhudelwaneni efana nama-Olympics namaCommonwealth Games. “Ukuqokwa kwami kuyinto enkulu, ikakhulukazi njengomuntu wasemakhaya. “Ngikholwa wukuthi ukuqokwa kwami kuzophendlela nabanye abesifazane abazikhandlayo indlela,” esho. Lesi sikhulu sibe nesandla ekukhiqizeni inqwaba yamabhokisa eSibongile Boxing Club, eyaziwa ngokuthi kusemgodini, eDundee. Beholwa uqweqwe lomqeqeshi uNathi Hlatshwayo, osegudle amazwe neqembu lakuleli, bakhiqize uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni, ophephezelise ifulegi lakuleli kumaCommonwealth ayebanjelwe eBirmingham, e-England, ngonyaka odlule. UMnguni waqopha umlando ngokuba ibhokisa lokuqala lesifazane ukuhlabana ngendondo yethusi kulo mqhudelwano.


Lezi zimanga azigila zenza wahlabana ngemiklomelo wokuba iKwaZulu-Natal Sport Personality of the Year neSportswoman of the Year emcimbini owawuseThekwini ngasekupheleni konyaka odlule. UMnguni namanye amabhokisa basanda ukuyomela elakuleli kwiWomen World Championships e-India nakwiMen’s World Championships e-Uzbekistan. Bazophinde babe yingxenye yama-SA Youth and Elite Championships azokuba eTzaneen, eLimpopo, ngenyanga ezayo. Kule midlalo kazwelonke kuzobe kuhlungwa labo abazoya eCameroon, bese befakwa eqenjini okuthenjelwe kulona ukuthi lingakwazi ukuya kuma-Olympics azokuba eParis, eFrance, ngonyaka ozayo. Ngaphambi kokuya eLimpopo, i-KZN izokuba nekhempu eDundee ngomhla ka-4 kuya kumhla ka-9 kuNtulikazi (July).

Previous articleOwodumo oKhozini”uvume izono zezikweletu”
Next articleUMNDENI UKHUNGATHEKILE KUNYAMALALA UBABA WEKHAYA