UBen 10 ugaqelwe yikilabhu yase-England

1055

Kukhona nawaseSpain afuna ukumhlwitha

SENZO SOKHELA

UBONGANI “Ben 10” Zungu okuvela ukuthi ufunwa ngamakilabhu aseSpain neSherffield yase-England. 

EZIMNANDI kumdlali weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana njengoba kuvela ukuthi sekungene nekilabhu yase-England emfuna uthuli.

UBongani “Ben 10” Zungu (27) olihlikihla esiswini kwi-Amiens yaseFrance, kuvela ukuthi angase ayishiye le kilabhu uma kuphela isizini.

Umthombo weLANGA osondelene nalo mdlali kwazise badlale ndawonye kwiTuks, utshele leli phephandaba ukuthi lo mdlali uphuphuma injabulo njengoba iSheffield United yase-England isifake isicelo sokumthenga kwi-Amiens uma kuphela isizini.

ISheffield inyukele kwiBarclays Premiership ekuqaleni kwesizini.

Kuvalelwe igciwane le-corona yenza kahle njengoba isendaweni ka-7 kwi-log.

I-Amiens yona idonsa kanzima eligini yaseFrance njengoba iba-lwa namakilabhu angase agengcwe yizembe.

Isendaweni yesibili uma usuka emsileni weLigue 1.

Lo mthombo uthe: “UZungu zi-mhambela kahle izinto e-Europe njengoba kunamakilabhu amfunayo.

“ESpain nje cishe mathathu afake isicelo sokumthenga uma kuphothulwa isizini. Kodwa okumjabulise kakhulu wukungena kweSheffield nayo ithi iyamfuna.

“Into eyenza afunwe kangaka wukuthi uthe uma efika e-Europe wayidalakaxa i-agent yakhe ezinze kuleli uSteve Kapeluschnic wajoyina entsha yakhona e-Europe okuyiyona esimvulela iminyango.

“Ujabule kodwa okuningi nge-kusasa lakhe, kuzocaca uma igcina iqedeliwe isizini. Nokho ujabule ukuthi ngesizini ezayo uzobe edlala kwenye yamaligi amakhulu emhlabeni akukhathalekile ukuthi eyase-England noma kwiSpanish La Liga.”

Imizamo yokuthola inkampani kaZungu i-Excellence Sport Nation (ESN) iphunzile njengoba kwi-website yale nkampani ingekho imininingwane yocingo.

NoKapeluschnic uthe ngeke akwazi ukulisiza ngalutho leli phephandaba kwazise akasasebe-nzi nalo mdlali.

Previous articleezinye izimpawu ze-coronavirus
Next articleImsizile iCovid-19 uNomuzi Mabena