UBen 10 uhalela ukudlala e-England

837

Ufuna ukwenza iRangers yaseScotland isitebhisi

SENZO SOKHELA

UBONGANI Zungu weBafana Bafana. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMDLALI weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana ufuna ukwenza ikilabhu ehlonishwayo yase-Europe isitebhisi sokuyodlala kwi-English Premiership. 

UBongani “Ben 10” Zungu olihlikihla esiswini kwiBafana, unyelwe yinyoni esandleni esayina ngemizuzu yokugcina selivalwa iwindi kwiRangers yaseScotland. Ubolekiswe isizini kule kilabhu enomlando ohlonishwayo e-Europe.

UZungu uthi ufuna ukukuqinisekisa ukuthi le kilabhu iyayinqoba iligi ukuze kufezeke iphupho lakhe lokuyodlala e-England. 

”Ngijabule ngendlela eyisimanga ukugcina ngiphumelele ukudlala kwiRangers. 

“Sengiseduze kakhulu ne-England manje, inhloso yami wukudlala ngokuzikhandla ukuze ngifinyelele khona.

“Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukudlala kwi-English Premiership ngakho-ke kuzofanele ngidlale ngokuzikhandla kwiRangers ukuze ngihehe iso lamakilabhu akhona,” kusho uZungu.

UStephen Gerrard ololonga iRangers futhi oyindoda ehlonishwayo e-England, uthe: ”Inhloso yethu ngokulanda uZungu wukuthi besidinga umuntu ozokwazi ukudlalisa ikilabhu esiswini futhi asiwinele namabhola. 

“Ngikholwa wukuthi uZungu uzokwazi ukukwenza lokho ngoba unekhono elimangalisayo. Ngizimisele ngokumsiza afeze iphupho lakhe lokuyodlala kwi-English Premiership futhi ngiyakholwa ukuthi lokho kuzokwenzeka,” kusho uGerrard. 

UZungu ukhombise elihle ikhono iBafana idlala kwi-African Cup of Nations nalapho iphume khona kuma-quarter final ngonyaka odlule e-Egypt. 

Previous articleAkazisoli ngokushiya umsebenzi
Next articleBangend emgwaqweni befuna “ukuqashwa”