Uphenduke undabizekwayo oweBafana

895

INTATHELI YELANGA

UPHENDUKE isilomo yize ezakhe zibhubhile yinduku umdlali weBafana Bafana, uLyle Foster (22), ogijima kwiBurnely esanda kukhuza ibuya kwi-English Premiership emuva kokuhamba iyozingela onogwaja kwi-English Championship ngesizini ka-2021/2022. IBurnley – esilazi njengoba izazi izembe njengoba isiye kaningi ehlathini – ibhujiswe yi-Aston Villa ngo-3-1 koweligi, kanti uFoster nguyena oshayele ezakhe igoli lokubika ekhaya. Ushaye elihle igoli ngomzuzu ka-47 ezama ukugqiba akaMatty Cash angene ngoka-8 no-20. Kutte ezakhe zisazama elesibili, zaqedwa umdlandla yisipikili sokugcina esishayelwe nguMoussa Diaby ngoka-61.

Okwenze lo mdlali – owashayela iBafana igoli ihlulwa yiMorocco ngo-2-1 emlenzeni wokuqala kowokuhlungela i-Afcon ngoNhlangulana (June) nyakenye – wukuthi ubeshaya igoli kakhe lokuqala kulesi sigaba. Ungumdlali wesi-9 waseNingizimu Afrika ukushaya igoli kule ligi ekhonzwe kakhulu ngabathandi bakanobhutshuzwayo – ikakhulukazi base-Afrika. Abanye abadlali bakuleli abashaye amagoli kwi-EPL nguBenni McCarthy, uShaun Bartlett, uSteven Pienaar, uPhil Masinga, uQuinton Furtune, uMark Fish, u-Eric Tinkler noMbulelo “Old John” Mabizela. 

Umqeqeshi kaFoster, uVincent Kompany – owayeyisitobha seMan City – ukhombisa ukumethemba lo madlali njengoba emqalise kuyo yomibili imidlalo esagijinywe yiBurnley kule sizini. Ezinkundleni zokuxhumana bekubatshazwa ubuhle begoli lalo mdlali, yize ezakhe ziphume enkundleni zibhocobele ngenxa yesibhaxu.

Previous articleIshaqwe “ibuya enyangeni” inkosikazi kwelokufa kwephoyisa
Next articleAphelile amaphupho ngesomvikeli womphakathi