Ukhuluma nangobumnandi bokuthandwa ngabalandeli
PHILANI NCALANE
UPHONSELA inselelo iKaizer Chiefs ne-Orla-ndo Pirates uBenni McCarthy (osesithombe-ni) ukuphaphama kule sizini ezoqala njengoba la makilabhu eshaye into ephansi ngesizini edlule kwiDStv Premiership.
IPirates iqede endaweni ye-sithathu kwiligi kanti iChiefs ingene ngemizuzu yokugcina kwi-top 8.
La makilabhu azodudulana kwiCarling Black Label Cup ngomhla ka-1 kuNcwaba (August) ngo-17h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. UBenni ube-yingxenye yesigcawu sabezindaba sokucacisa ngokuqhubekayo ngamalungiselelo alo mqhude-lwano.
Lesi sigcawu besisingethwe ngobuchwepheshe besimanje. UBenni ololonga AmaZulu FC, uke waba yingxenye yalo mqhu-delwano esagijima kwiPirates.
Uthi udumele ngendlela iChiefs nePirates abadlale nga-yo ngesizini edlule.
“Ibhola lakuleli kalimnandi ngaphandle kweChiefs nePira-tes. Ngamakilabhu amakhulu lawa akwazi ukumisa yonke into ezweni nxa ebhekene. Kumqoka ukuba abhukule ngoba awubuso bebhola lethu e-Afrika nase-mhlabeni jikelele.
“Ngidumele kakhulu ngeBucs ngoba isayinise inqwaba yaba-dlali abanohlonze abebedlala kwiBidvest Wits.
“IChiefs kuyaqondakala okwayo ngoba ibigwetshwe yiFifa ukungabasayinisi abadlali amawindi amabili elandelana. Njengamanje ingenisa mawala emakethe. Thina njengabaqeqe-shi silindele ukuthi iPirates ne-Chiefs basiphathise ngamakha-nda nxa sizobhekana nabo.
“Ngifuna ukubona iChiefs nePirates bencintisana noSuthu neMamelodi Sundowns ekulwe-leni ukunqoba i-premiership,” kusho uBenni.
Uthi usakukhumbula konke okwenzeka kulo mqhudelwano bebhekene neChiefs. Ugile izi-manga uBenni ngesizini edlule ehola uSuthu luqeda kunombolo 2 okulufake kwiCaf Cha-mpions League yangesizini eza-yo okokuqala ngqa emlandweni.
“Kumqoka ukuthi ukuqaphe-le konke okwenzeka umdlalo nomdlalo uma ungumdlali we-bhola. Ngiyakhumbula ngivalela igoli elathulisa abalandeli beChiefs. Ngaleso sikhathi ba-bengigcona bethi ngeke ngenze lutho kulo mdlalo ngoba ngikhuluphaliswe wukudla kwase-McDonald.
USenzo Meyiwa obevimba kwiPirates no-Arthur Bartman weChiefs bagila izimanga kukhahlelwa amaphenathi. Kubi-ke ngoba bobabili kabasekho emhlabe-ni,” kubalisa uBe-nni.
Uthi ubewumla-ndeli walo mqhu-delwano ngisho esa-dlala phesheya kwezilwa-ndle.
“Kunabaqeqeshi abasabayo ukuthatha izinqumo ezinzima nxa kuboshelwa isikimu ngo-ba besaba ukugejana naba-dlali abathile. Lo mqhudelwano muhle ngoba umdlali akaqokwa ngezinga lakhe ejimini. Ukhe-thwa ngabalandeli.
“Kuwumuzwa omnandi ukuzibona ukhethwe ngabalandeli ngoba basuke bekhombisa ukukuncoma nokukuthanda. Kukwenza uqale isizini unoku-khulu ukuzethemba,” kusho uBenni.