BHEKI NDLOVANA
USAQHUBEKA nokuxilongwa ngodokotela uNdunankulu wesizwe samaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, ophinde abengumsunguli weNkatha Freedom Party (IFP). UNkz Liezl van der Merwe, okhulumela uMntwana, utshele ILANGA izolo ngoLwesithathu ukuthi ubengakaphumi esibhedlela. Uqhube wathi kasikho kodwa isidingo sokuba abantu batatazele ngesimo sempilo kaShenge. “Ngasekupheleni kwesonto, sizowazisa umphakathi ngokuqhubekayo,” kusho uNkz van der Merwe. Esitatimendeni asikhiphe ngoMsombuluko, ebeqinisekisa ukungeniswa koMntwana esibhedlela, uNkz van der Merwe uthe isimo sempilo yakhe kasibucayi. Kuleso sitatimende, uthe uShenge ubeye esibhedlela ngenhloso yokuyohlolelwa okwejwayelekile, nokwelashelwa izinhlungu emhlane.
Kuthe esededeliwe, ngeshwa kwadingeka ukuba abuyiselwe ukuze aqhubeke nokwelashwa ukuze alulame. Imiyalezo yokufisela uMntwana waKwaPhindangene ukwelulama ngokushesha ibilokhu iqhamuke njalo. NgoLwesibili iSilo Misuzulu kaZwelithini simfisele ukwelulama okusheshayo. I-IFP nayo ifisele uMntwana waKwaPhindangene ukwelulama, yatusa odokotela nabezempiloabamxilonga esibhedlela ngomsebenzi abawenzayo. Inkatha ithe iyabonga nangayo yonke imiyalezo eyitholile yokweseka umntwana