Ubesephonse ithawula onqobe kowoKhozi FM

895

LUCKY CAIN 

UBESELIPHONSILE ithawula ngokuba semsakazweni uNozipho “MaZulu Ozulayo” Zulu waseMelmoth, odle umhlanganiso emncintiswaneni woKhozi FM waminyaka yonke, wokuthungatha abasakazi abasha besifazane, obizwa ngeWinnie Mahlangu Talent Search. Le ntokazi imenyezelwe ngoLwesihlanu kulo msakazo njengomsakazi obaqwaqwade bonke emakhanda. 

Ekhuluma neLANGA, uthe kusenzima ukukholwa ukuthi usengene kulesi sikhondlakhondla somsakazo. 

“Mhlawumbe kusazongena ekhanda lami ngoba okwamanje kangazi noma ngiyaphupha yini,” kusho yena. 

Uveze ukuthi ubengaqali ukuzama inhlanhla, njengoba wawungenela lo mcintiswano nango-2010. 

“Kulowo mncintiswano ngaphuma kwi-top 6, kwagcina kunqobe uThembeka Zondo-Cele, kwathathwa noZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela engangiqhudelana nabo,” kusho yena.

Uthe ukusakaza wakuqala kwiMbokodo FM, kanti nakhona wangena ngomncintiswano. 

“Ukuba semsakazweni kwacaca sengiseMangosuthu (University of Technology) lapho
ngangenza khona izifundo
ze-Analytical Chemistry. 

“Ngangikuthanda ukukhuluma nokuhlanganisa abafundi kanti nabebengifundisa babeze
baphatheke kabi uma bengibona ngithule,” kusho yena.

Uthe ngemuva kokushiya kwiMbokodo, wajoyina isiteshi somphakathi, iCora FM. 

Uveze ukuthi kwiCora yilapho akhula khona njengomsakazi, kwaze kuba unquma ukushiya nakhona, aqhubeke namabhizinisi. 

“Ngenxa yokukhula – kwazise besekuneminyaka ngishayela uhlelo lwasekuseni – ngonyaka odlule nginqume ukushiya ekusakazeni ngiqhubeke nebhizinisi lami,” kusho uMaZulu.

Uveza ukuthi bekunabantu abebemncenga ukuba aphinde angenele umncintiswano wokuba ngumsakazi oKhozini, njengoba ubuye usushintshwe igama, usuqanjwe ngomakadebona womsakazi wesifazane, uWinnie Mahlangu. 

“Bengilokho ngethembisa ukuthi ngizowungenela, kodwa ngingangeneli. 

“Kulo nyaka, ngiziqophile ngosuku lokugcina lokungenela, ngathumela. 

“Nalapho bese ngenza nje ngoba ngesikhathi ngiyeka ukusakaza ngonyaka odlule, ngase ngizitshelile ukuthi kuphelile ngami nephupho lokuba semsakazweni omkhulu,” kusho yena.

Uthe akakholwanga etshelwa ngabantu ukuthi igama lakhe limenyezelwe ebantwini
abazovotelwa. 

“Engingakusho nje wukuthi kangenzanga okungaphezulu ukuze ngivotelwe, kodwa uthando olukhonjiswe ngabantu lungima-ngalisile, ngoba njengoba bebevota bebeqhamuka ezinkalweni ezahlukene. Abanye bebeze bangixhase nangama-airtime okuthi kuvotwe,” esho.

Uthe intshisekelo wayithola kubasakazi okubalwa uDudu “Lady D” Khoza noZanele Mbokazi abasayibambile emsakazweni, emuva kweminyaka eminingi kulo mkhakha. 

Utshele leli phephandaba ukuthi uzimisele ngokusebenzisa ithuba lokuba kulo msakazo ukuqhubeka nezinhlelo  zokusiza umphakathi abezenza. 

“Ukuba soKhozini kuzokwenza izinhlelo zami zokusiza umphakathi zisabalale, ngikwazi ukufinyelela ebantwini abaningi. 

“Ngikukhonzile ukusebenzisana nentsha, abesifazane nabaphila nokukhubazeka,” esho.

Umphathi wezinhlelo oKhozini, uPearl Maseko, ubonge abalaleli ngokuvota kulo mkhankaso. 

Uhalalisele uMaZulu ngokunqoba kwakhe. 

ULwazi Mthabela – oyibamba lo mphathi walo msakazo – naye umhalalisele uMaZulu, wathi bayajabula ukumemukela.

Previous articleISilo nenselelo ezinsizweni ngoMkhosi woMhlanga
Next articleIsiphenduke iKwaJombigazi eyaseMlazi