MTHOBISI SITHOLE
ULUFAKWE nguthisha wakhe uthando lweMathematics, uDkt Mbekezeli Nxumalo (31) wasoPhongolo (osesithombeni), ogogode eziqwini zobudokotela kulo mkhakha ngoMfumfu (October), maqede waqashwa yiRhodes University, e-Eastern Cape, ukuba ayofundisa izitshudeni zayo.
UDkt Nxumalo – othole iziqu zobudokotela (PhD) kwiPure Maths khona eRhodes – uthi ukhule engayithandi iMaths. Uthi kuthe esefunda uGrade 11, lokheleka kakhulu uthando ngenxa kathisha obeseduze kwakhe, efundisa lesi sifundo.
Emuva kokuphothula umatikuletsheni, uthi uyise umkhuthaze ukwenza izifundo ze-sci-ence, kanti uzothola umfundaze wokwenza iBachelor’s Degree kwiScience neMaths e-University of the Western Cape.
Utshele ILANGA ukuthi izimo zempilo bezinzima ngenxa yokungabikhona kwemali emndenini wakhe. Uthi ngenxa yokufunda iminyaka ewu-6, kunesikhathi lapho abengasayi kubo ngoba abantu bebuza ukuthi akasaqedi yini ukufunda.“Bekungelula ukubenza baqonde kangcono engikwenzayo. Ngiqhubekile ngafunda ngokuzimisela ukuze kube khona engiyobakhombisa khona,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za