UBester ukhale ngesidadada sikashukela evela enkantolo

357

THANDOLUHLE NGUBO

UKHALE ngokungaphatheki kahle ejele uThabo Bester ngesikhathi efika eNkantolo eNkulu yaseFree State mayelana necala lokweqa (ejele laseMangaung, eBloemfontein)) ngoNhlaba (May) 2022. Uveze ukuthi uya enkantolo nje, akasidlanga isidlo sasekuseni ngenxa yokuthi besinoshukela omningi, wathi lokho kubeka impilo yakhe engcupheni kwazise unesifo sikashukela.

Ubevele enkantolo nesinqandamathe sakhe, uDkt Nandipha Magudumana nabanye abawu-7 abayamaniswa necala lokweqa kwakhe. Ummeli wakhe, uJan Loubser, uthe ikilayenti lakhe limtshele ukuthi kaleneme neze ngendlela eliphethwe ngayo.

UTHABO Bester okwesokudla, wathathwa noDkt Nandipha Magudumana bevele enkantolo.

“Nkosi yenkantolo, ukudla okunikwe ikilayenti lami bekungamlungele umuntu onesifo sikashukela. Nami ngizibonele ngoba ngiyile lapho ligcinwe khona. Ukudla bekunoshukela omningi, lagcina lingakudlanga. Lokhu kwenze langayiphuza imishanguzo yalo yalesi sifo,” kusho ummeli.

Eqhuba, uveze ukuthi sekunesikhathi ikilayenti lakhe libabikela ejele ngokudla okumele likudle, kodwa bekushaya indiva lokho. Umbuso ubike ukuthi uzoyalela amaphoyisa ukuba ayohlolisisa lolu daba. 

Okunye okuqaphelekile ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwalelicala, yisenzo sikaDkt Magudumana obefunda iBhayibheli, kanti ngesikhathi engena ubonakale esincisha amehlo isinqandamathe sakhe, waze wakhonjiswa indawo yokuhlala.  

Previous articleZizodlana imilala ngoNhlaba okhethweni lwalo nyaka
Next articleEzimnanjana kwabemukela isibonelelo sika-R350