Ubezingelwa usomatekisi obulawe nonogada wakhe

494

PHUMLANI GAMA

UBEZINGELWA usihlalo kasoseshini wamatekisi othelwe ngoyaba lwezinhlamvu nonogada wakhe ngoLwesihlanu, esehhovisi lakhe elingaserenki esedolobheni laseMnambithi. 

UMnu Bhekuyise Masondo (69) (osesithombeni), udutshulwe noMnu Skhumbuzo Nzuza (36) bashonela endaweni yesigameko, emuva kokuba kungene oyedwa wababulali wavulela ngenhlamvu ebhekise kuMnu Masondo. 

ILANGA likhulume nelungu lomndeni kaMnu Masondo – elicele ukuba kugodlwe igama lalo – eliveze ukuthi kunzima ukukhuluma ngalolu daba.

“Ubaba uMasondo ubesenqume ukuqinisa ezokuphepha kwakhe, ngoba ababulali besekungamahlandla amaningi bezama ukumendisela koyisemkhulu. 

“Sikhathazekile ngesimo sezokuphepha komndeni ngoba kasazi ukuthi ukufa kwakhe kuvela kuluphi uhlangothi njengoba kukhulunywa eyokuthi kune-ABC (iqembu likaMnu Philani “PG” Mavundla) lapha eMnambithi, uyingxenye yokusungulwa kwayo kule ndawo. 

“Ubefaka imali yakhe, exhasa leli qembu ukuze likwazi ukuqhuba izinhlelo zalo. 

“Nakumasipala wendawo, nguyena obewukhiye. Bekufanele ukhulume naye uma ufuna ukwenza izinguquko ngobuholi obumele i-ABC kumasipala. 

“Ukufa kwakhe kushiye abantu abaningi bekhathazekile futhi benovalo ngoba ubeyindoda enesipiliyoni, futhi ewalwela amalungelo osomatekisi balapha eMnambithi. 

“Ubesehlale iminyaka ewu-10 esikhundleni sokuba ngusihlalo wamatekisi alapha eMnambithi, kanti unonyaka ephekanyiselwe kwesokuba ngusihlalo wamatekisi ahamba amabanga amade,” kusho ilungu lomndeni. 

Ethintwa uNkk Nto Masondo oyinkosikazi kamufi, uthe uthole umbiko ngokubulawa komyeni wakhe, emuva kwalokho wabe esecela ukubuye athintwe ngesizathu sokuthi kunabantu abafuna ukungena endlini abekuyona. 

Esethintwa okwesibili, akabange esatholakala. 

ILANGA lixhumane nomunye wosomatesikisi – naye ocele ukuba kugo-dlwe igama lakhe – oveze ukuthi umufi ubeyindoda engahlehli futhi engaguquki uma esethathe isinqumo. 

“Nabambulele sikholwa wukuthi bahlale phansi, bahlela kahle kusenesikhathi ngoba ukuba beze ngobuso, bebengeke bephume. 

“Kudala ezingelwa, kodwa abahlaseli bakhe bengaphumeleli,” esho. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt -Col Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMnambithi aphenya amacala amabili okubulala emuva kwesigameko sokubulawa kukasomatekisi nowesilisa okukholakala ukuthi ungunogada wakhe. 

“Ngokolwazi olusemaphoyiseni, umufi ubesehhovisi lakhe ngesikhathi kungena indoda evulele ngenhlamvu ibhekise kuyena. 

“Isidumbu sesinye isisulu sitholakale ephaseji sinamanxeba okudutshulwa, kukhona nesibhamu sakhe umufi. 

“Kukholakala ukuthi ukubulawa kwezisulu kuhlobene nodlame lwamatekisi,” kusho uNetshiunda. 

Previous articleUmndeni usola ababeshutha isoka libulala ilungu lawo
Next articleSebehlale iminyaka (3) nezicubu zikamufi belinde ulibofuzo