“Ubhacile” umdlali waseSpain ngenxa yesinqandi

823

INTATHELI YELANGA

KAYIVUMI ukuphela njengoba isifana nedombolo elishisayo ehlombe likakaputeni weqembu lesizwe labesifazane laseSpain, uJennifer “Jenni” Hermoso (33), eyesinqandi asithola kuMengameli weSpanish Football Association, uLuis Rubiales, emuva kokuba ezakhe zihlule i-England ngo-1-0 wegoli lika-Olga Carmona kowamanqamu weNdebe yoMhlaba yeFifa mhla ka-20 kuNcwaba (August). Ngokubika kwemithombo yabezindaba yaseSpain, lo mdlali wasesiswini – ogijima kwiPachuca Femenil yaseMexico – useqome ukuzivalela endlini, angaphumeli emphakathini ngenxa yokushuba kwalolu daba. 

Sekuwumlando ukuthi uRubiales weqiwa yinjabulo ngesikhathi abadlali sebeyokwamukela izindondo, waqabula uHermoso emlonyeni, okuyisenzo esihlatshwe kakhulu wumphakathi wezikanobhutshuzwayo. Kuyimanje uRubiales umiswe izinyanga ezintathu kusaqhubeka uphenyo ngalesi sigameko, kanti isenzo sakhe sigxekwe kakhulu ngezinye izikhulu zikanobhutshuzwayo nezikahulumeni, kubalwa nomqeqeshi weBarcelona, uXavi Hernandez. ISekela-ndunankulu laseSpain, uYolanda Diaz, lichaze lesi sinqandi njengokuhlasela (abesifazane). 

Abadlali abawu-81 – kubalwa nabo abeqembu lesizwe – bathe ngeke baphinde babe yingxenye yeqembu lesizwe uma kusekhona uRubiales kusoseshini. Enye yezinto okusolwa ukuthi zicashise lo mdlali, wukuthi wasolwa kakhulu ngisho nawusoseshini ngokuhubhuza ilumbo ethi waqatshulwa engathandi njengoba wabonakala kwi-video emamatheka. 

Ngokwephephandaba lezemidlalo laseSpain, iMarca, uHermoso uzithukuse eMadrid, lapho ehleli khona nomndeni nabangani, kodwa uxhumana njalo nenkampani ephethe izindaba zakhe, iMKT Jersey nenyunyana yabadlali, iFUTPRO. Kubikwa ukuthi le nyunyana isacubungula eyokuthi uHermoso kumele afake isikhalo sokuhlukunyezwa ngokocansi eNkantolo eNkulu yaseSpain, evele isiqalile ukuphenya uRubiales. 

Udaba lwalesi sinqandi selucishe lwalimaza i-Atletico Madrid, iBarcelona, iReal Betis, iReal Madrid, iReal Sociadad, iSevilla neVillareal njengoba usoseshini webhola eSpain ubusuphakamise ukuba i-UEFA iwakhiphe la makilabhu emiqhudelwaneni yase-Europe. Nokho i-UEFA ikuchithile lokho. 

Previous articleBasaba ukubuyiselwa emazweni abo abasinde eGoli
Next articleI-ANC KwaZulu-Natal icacisa olukaZuma nokhetho