Ubhekene notalatiya ‘usozimali ohweba ngamasheya ezimakethe’

363

UMnu Shezi uthi akanawo uR1.2 million awukweleta owayenguthishanhloko

USENKINGENI yezikweletu usozimali “ohweba ngamasheya ezimakethe”, uMnu Sandile Shezi.

INTATHELI YELANGA

UBHEKENE notalatiya uMnu Sandile Shezi odume ngokuba ngusozimali “ohweba ngamasheya ezimakethe”. Kubikwa ukuthi uMnu Shezi ukhala ngokuthi izinto kazimhambeli kahle kwezemali njengoba kumele akhokhele abantu abakweleta izizumbulu. Ngokombiko weCity Press, uMnu Shezi uyazikhalela uthi usewuPhuya waseMshwathi akanawo u-R1,2 million awukweleta owayenguthishanhloko kwesinye sezikole eNingizimu Afrika. Kubikwa ukuthi unxuse amaphoyisa aseSandton, eGoli – aphenya icala lokukhwabanisa abhekene nalo ukuba amkhulumele nalo amkweletayo ukuba avume amkhokhele u-R10 000 njalo ngesonto.


Kodwa kubikwa ukuthi lowo amkweletayo wenqabile ukwamukela leso sicelo, wathi incane kakhulu leyo mali. ICity Press ithi kubhalonyazi (e-mail) oluthunyelelwe lo thishanhloko, uMnu Shezi uthi ubhekene nesimo esinzima kwezemali. Kubikwa ukuthi ngoLwesine ikhona imadlana ayikhokhile. Kulolu bhalonyazi kubikwa ukuthi uthe: “Kulolu bhalonyazi ngifake ubufakazi benkokhelo, ngiyavuma ukuthi yimali engatheni, nokho ngizokukhokhela enye maduzane. Ngenxa yesimo sami semali njengamanje, cishe akunakwenzeka ukuba ngikwazi ukukhokha isamba esikhulu.”


Kubikwa ukuthi uqhubekile wazibophezela ukuthi uzoqinisekisa ukuthi uyakhokha masonto onke, wathi futhi unethemba lokuthi ngokuzayo uzokhokha okuthe xaxa. Lo thishanhloko kusolwa ukuthi waqolwa lo R1,2 million owawuyimali yakhe yomhlalaphansi. Kuthiwa wanxenxwa ukuba atshale le mali enkampanini kaMnu Shezi, iGlobal Forex Institute, emuva kokuba babehlangane eMeropa Casino, eLimpopo lapho uMnu Shezi wayenomcimbi wokuchaza ngebhizinisi lakhe. Ngesikhathi sekungasahambi ngamagama enkehli, lo thishanhloko wavulela uMnu Shezi icala lokukhwabanisa eSandton, okumanje lisaphenywa ngamaphoyisa. Utshele iCity Press ukuthi uyifuna iphelele imali yakhe, hhayi amancozuncozu ka-R10 000. Biningi abanye abantu abakhalayo ngoMnu Shezi, abamsola ngokubaqola imali yabo. www.ilanganews.co.za

Previous articleBasola itulo ‘ngokuthunjwa’ kwendodakazi
Next articleUbavale imilomo umqeqeshi weBucs