Ubhoboka ngobunzima e-England

1070

UTau uzimisele ngokunqoba izinselelo kwi-English Premiership

NHLANHLA HUDLA Ebika eseGoli

UPERCY Tau

SIVUMA eyokushisa kwensimbi e-England isethenjwa seBafana Bafana, uPercy Tau ongumdlali weBrighton & Hove Albion egijima kwi-English Premiership.

UTau ukuleli njengoba iBafana inemidlalo emibili emqoka yokuhlungela ukungena kwi-Africa Cup of Nations (Afcon). Izodlala neGhana namuhla ngoLwesine ngo-18h00 eFNB Stadium, kuthi ngeSonto ibhekane neSudan ekuhambeni eKhartoum kulona leliya lizwe.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo neGhana uTau, uthe: “Ngisebenza ngokuzikhandla ukulwela indawo yami ekilabhini. Ngihlalele ethembeni lokuthi ngelinye ilanga izinto zizohamba ngokwezifiso zami, ngikwazi ukudlala njalo. Kangifuni ukuqamba amanga njengomdlali ngiyafisa ukudlala njalo.

“Nokho ngiyaqonda ukuthi kuzomele ngisebenze ngokuphindiwe ukuze abaqeqeshi bangibone. Sengidlalile emazweni ahlukene phesheya kwezilwandle kodwa lapho esengikhona yikwelinye izinga. 

“Iligi esidlala kuyona inabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu. Yingakho nje ithathwa njengehamba phambili emhlabeni wonke jikelele.

“Ngihlale ngikulangazelela ukudlala nakuba ngikuqonda ukuthi iqembu linabadlali abenza kahle. Nami ngizama ngawo wonke amandla ami ukulwela indawo. Njengamanje ikilabhu isendaweni embi kwi-log kodwa nginethemba lokuthi sizokwazi ukugcina indawo yethu kwiPremiership, siqhubeke nokudlala kulesi sigaba.”

Uqhube ngokuveza ukuthi uhlale ekulangazelela ukudlala kwiBafana futhi ukholwa wukuthi yomibili le midlalo esele ibaluleke kakhulu.

“Njengoba ngingadlali njalo ngibonisane nomqeqeshi ukuba angidedele ngizosiza izwe lami, ngiphinde ngithole nethuba lokudlala kwazise sekunesikhathi eside ngagcina ukuthola ijezi. 

“Okuhle nje wukuthi kangilimele ndawo futhi bengilokhu ngijima okuzokwenza ngingabi nankinga kule midlalo yeBafana,” kusho uTau.

Lo mdlali uphethe ngokuthi uyilindele inselelo yokuhlala isikhathi eside engadlali kwazise kulindeleke ukuba azivalele izinsuku ezilishumi ngaphambi kokuzihlanganisa neBrighton ngokomthetho wakuleliya lizwe othi umuntu oke waphumela kwelinye izwe kufanele agonqe njengoba kusabhoke iCovid-19.

Previous articleKusazobhungwa ngencwadi yefa leMbube
Next articleKushube isimo bebhikishela amanzi