Ubhokodwe wumyeni eficwa neshende alithole kwezokuxhumana

793

Kuthiwa bebehlala ngokwahlukana ngenxa yezinkinga

NOMFUNDO NGWANE

LITHE nyawozami ngibelethe isoka ebelitholwe ezinkundleni zokuxhumana, lashiya isinqandamathe salo obishini ngesikhathi bebhadanywa ngumyeni waso, osigwaze wasibulala ngoLwesibili, kade ebacuthele ngasemqashweni wenkosikazi, eSydenham, eThekwini. ILANGA lithole ukuthi uNkk Ntombikhona Matshala (36), ongowokuzalwa e-Eastern Cape obengakaqedi ngisho inyanga ethole leli soka ubanjwe ngumyeni wakhe nesoka, bachitheka bugayiwe. Isoka kuthiwa libaleke lingenamyocu. Udadewabo womyeni, uNkz Zine Macimva, uthi ushayelwe ngumfowabo ngoLwesibili ebusuku, embikela ngento eseyenzekile.


“Besazi ukuthi usehlala ngokwehlukana nenkosikazi yakhe ngenxa yezinkinga abebenazo, kodwa bebesaxhumana njengomfazi nendoda, futhi bevakashelana. “Ungitshele ukuthi indaba iqale ngesikhathi inkosikazi itshela umfowabo ukuthi uma efuna ukuvakasha emqashweni wayo, makaqale ngokufona ayazise, angamane afike engafonanga ngoba kuyayidina lokho futhi kuyayiphazamisa ezinhlelweni zayo. “Umfowethu ubengakuthandi lokho, kumdina kangangoba waze wayibuza inkosikazi yakhe ukuthi kungani kumele acele kuyona uma efuna ukuyivakashela ngoba bashadile. Ungitshele ukuthi bebexoxa kuWhatsApp usuku lonke lwangoLwesibili.

Ntambama esekhuluma naye umkakhe, akaphendulanga. Uzamile ukumshayela wangaluphendula ucingo. “Uthi ube esesuka emqashweni wakhe wayobheka umkakhe endlini yakhe, wafika kulenga ingidi. Ubuze komakhelwane, bamtshela ukuthi usanda kuphuma. Uhlale eceleni komuzi emlindile,” esho. Kuthiwa akuphelanga sikhathi esingakanani, yabuya inkosikazi ibambene ngocikicane nesoka. Kunokuthi ithuke, kuthiwa ibhozomele indoda, yabhoka ngolaka iyibuza ukuthi ibibizwe ngubani. Kuthiwa umyeni uthukuthele wagana unwabu, wadonsa ummese wagwaza wabulala inkosikazi yakhe. Kuthiwa abasondelene nomufi, bakuqinisekisile ukuthi isoka belilisha futhi beliqala nokuvakasha endlini yakhe.


Umfowabo kamufi, uMnu Sphesihle Matshala, uthi bewumndeni bebenalo ulwazi ukuthi umufi ubengasahlali nomyeni wakhe selokhu baxabana ngonyaka odlule. “Bafika emakhaya ngawo unyaka odlule bezobika ukungezwani kwabo, sakhipha umyalelo wokuthi mabahlale ngokwehlukana baze balungise izinkinga zabo ngoba sibalekela khona ukuthi balimazane, kwazise usbari ubenakho ukuba nesandla esilula, emshaya udadewethu. “NgoZibandlela (December) ngababona sebehleli ndawonye, ngaze ngambuza udadewethu ukuthi sebebuyelene yini, sebezilungisile izinkinga abebebhekene nazo.

Wavuma, kodwa washo ukuthi basahlala ngokwehlukana. “Ngithukile uma sengifonelwa ngudadewabo kasbari, engazisa ukuthi umfowabo usenze into efana nale,” kusho uMnu Matshala. Uthi sebemzame kaningi ukumshayela umsolwa kodwa akatholakali, ucingo luvaliwe. Okhulumela amaphoyisa Kwa Zulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthi amaphoyisa avule icala lokubulala bekungakaboshwa muntu.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUSEYIJAJI LE-IDOLS UTHEMBI SEETE
Next articleZibaliwe izinsuku zesitobha sePirates