Ubhonge emswaneni nomndeni wabangu 7 ababulawa eHlokozi

206
UNKZ Mbali Shinga, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ehambele umndeni wabayisikhombisa abahlaselwe babulawa eHlokozi.

NONHLAKANIPHO SHINGA

UBHONGE emswaneni nomndeni osanda kusocongelwa amalungu awo awu-7, uNkz Mbali Shinga, onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal. UNkz Shinga, uhambele umndeni wakwaKhambule lapho kuhlaselwe kwabulawa uNkk Bahlakaniphile Khambule (64), yindodakazi yakhe uNkz Philile Khambule (39), umakoti wakhona uNkk Nompilo Khambule (34) nezingane ezine uSkhumbuzo, uLisa , uSiphosethu noZemvelo.

Lesi sigameko esinyantisa igazi senzeke ngoLwesithathu ebusuku kanti ngokusho kwamaphoyisa kusolwa imibango yemindeni kanjalo nezamabhizinisi ukuthi kungaba yimbangela yokubulawa kwalo mndeni. UNkz Shinga uhambele lo mndeni ukuyoqinisekisa ukuthi uyalulekwa ngokomqondo ngemuva kokwenzeka kwalesi sigameko. Uphinde wathembisa ukuthi kuzoba nethimba elizoqhubeka lilokhu lisebenza eduze namalungu alo mndeni kanye nabo bonke abathintwe yilesi sigameko. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeledlule ngoLwesine, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli nomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi bahambele lo mndeni bathembisa ukuthi kuzokwenziwa konke okusemandleni ukuthi kutholakale ababulali. Amalunga omndeni akwaKhambule kulindeleke ukuthi angcwatshwe kulempelasonto.


nonhlakaiphos@ilanganews.co.za

Previous articleAkasekho emhlabeni uMnu Qhina Mkhwanazi
Next articleUfike ehamba ngesihlalo esinamasondo usonkontileka wakwa-Eskom ozobhekana nawenkohlakalo