Ubhuqwa yindlala kucwila impesheni

699

Imali ye-UIF abese eyisebenze iminyaka ewu-30 kayiphumi, uvela njengesisebenzi sikamasipala

UMNU Dumisani Zuma nemidwebo yakhe aziphilisa ngayo ngasese, osekuvela ukuthi uqashwe wuMasipala waseMngeni athi akakaze abe
yisisebenzi sawo. ISITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE

TSEPO MOLEFE

KUJAME uphephela kowesilisa waseMthulini, ngaseMpofana, owaxoshwa ngoMbasa (April) epulazini abesesebenze kulona iminyaka engaphezulu kwewu-30, okuthe uma eseyobhalisela imali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) eMnyangwe-ni wezeziSebenzi eMgungundlovu, kwavela ukuthi ubesebenza kuMasipala waseMngeni, eHowick, athi akakaze awusebenzele. 

UMnu Dumisani Alison Zuma (53), uthi zimi namajoka ngemali yakhe engqwambile abeyisebenza eFort Nottingham Road Farm, okuyipulazi likaMnu David Fox ongasekho. 

Utshele ILANGA ukuthi umnyango wamyalela ukuba ayolanda amaphepha e-UI19 kwamasipala ukuze athole imali yakhe, athi akulula ukuwathola ngoba wazi kahle ukuthi akakaze abe yisisebenzi sawo. 

Elandisa leli phephandaba, uthi uke wazijuba wayozidlisa satsha-nyana kwamasipala, eyobheka ukuthi igama lakhe liyavela yini ezisebenzini zawo,  nebala wathola ukuthi liyavela. 

Uthe imibuzo eminye ayiphonswe yizisebenzi zakwandabazabantu kwamasipala, imbindile ngoba akayazi inqubo elandelwayo yokuqashwa kwakhona. 

“Ngagcina ngingabuyelanga eMnyangweni wezeziSebenzi nephepha le-UI19 ngoba kwaku-ngelula ukulithola ngoba nginga-kaze ngisebenze kwamasipala. 

“Zagcina zingasangithembi nezisebenzi, kangangoba kazibange zisangitshela ukuthi yimalini enginayo yempesheni njengoba kuvela ukuthi bengiyisisebenzi salo masipala. 

“Epulazini ngaqashwa ngo-1985 ngisiza uMnu Fox ekupholisheni amahhashi akhe. Ekuhambeni kwesikhathi, leli pulazi lagcina selenganyelwa wumasipala kodwa siqhubeka thina nokusebenzela kulona. 

“UMnu Fox waficwa wukufa, ngaqhubeka nokusebenza sele-nganyelwe yinkosikazi yakhe, nayo yagcina ngokushona. Ligcine seli-bhekwa yindodakazi yakhe, sabuye sangezwana ngoMbasa (April) no-nyaka, yangikhipha ngesango. 

“Yangiyalela ukuyobheka imali yami emnyangweni, okuyilapho ngathola khona ukuthi ngiyisisebenzi sakwamasipala. 

“Ngisola ukuthi kunomuntu oqashwe wumasipala ngemini-ningwane yami kuhlangene nenombolo kamasizi wami. 

“Iyangihlukumeza le nto futhi kakulula ukubuyela endodakazini kaMnu Fox ngoba ngangingaqashiwe yiyona futhi yayisencane nge-minyaka mhla ngiqala ukusebenzela uyise,” kusho uMnu Zuma. 

UMnu Sandile Sibiya oyikhansela lakwa-ward 3 – okungena kuwona uMthulini –  uthe udaba selufi-kile ezindlebeni zakhe, ithimba lakwandabazabantu liyalusebenza ukuze kutholakale ukuthi yini le efaka uMnu Zuma ezisebenzini zalo masipala engakaze abe yisisebenzi sawo. 

Okhulumela uMasipala waseMngeni, uMnu Thando Mgaga, ucele ukuba ILANGA limdlulisele imininigwane kaMnu Zuma ukuze alandelele ngokuqasheka kwakhe. 

“Ngizocela ukuxhumana nehhovisi lakwandazabantu kwamasipala sibheke ukuthi uma kuthiwa uMnu Zuma uyisisebenzi sethu, wayeqashwe nini. 

“Okwamanje akukho okungashiwo wumasipala ungakaboni ukuthi ngabe ngempela uMnu Zuma akakaze yini abe yisebenzi sawo,” kusho yena.

Previous articleKudutshulwe kwabulawa osomatekisi abayizelamani
Next articleI-NFP isongele iMeya yaKwaNongoma ‘ngentelezi’