Wayithengelwa nguKhuzani ikhamera ayisebenzisayo
THANDEKA NGOBESE
noNOMFUNDO NGWANE
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
USOBISHINI umthwebuli kaKhuzani “Indlamlenze” Mpungose obonakale ezithombeni eshutha imbangi enkulu yalo mculi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele.
UMnu Gezani Dludla, ongumthwebuli, uzithintele ngokuthwebula iGcokama kubalandeli bakaKhuzani, abamgxeke kanzima ezinkundleni zokuxhumana.
Bathe njengoba esebonakala neGcokama nje, angaphinde asondele kuKhuzani. Bambize nangomdayisi ohamba nezitha.
Bamsola nangokuthi kwale khamera abeshutha ngayo iGcokama wayithengelwa nguKhuzani.
Bebebodwa abebethi makakhethe ukuthi ungakuphi, uma ehamba neGcokama makahlukane phansi noKhuzani, abuyise nekhamera. Abanye bamsongele kanzima ngabakubize ngokudayisa kwakhe uKhuzani.
Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Dludla, uthi abalandeli bayakhohlwa ukuthi yena ungusomabhizinisi.
Uthi uKhuzani akakaze ambekele imibandela yokuthi njengoba amthengela ikhamera nje, kufanele ashuthe bani ngayo, angashuthi bani.
“Mina njengomthwebuli ngithwebula noma ngubani. Kakusiye kuphela uMthandeni ongezwani noKhuzani engimshuthayo ngoba namaGeza Amahle ngiyawashutha nabanye abaningi.
“Uma phela kuya ngalokho ngabe nasesitudiyo lezi zimbangi kazisebenzisi onjiniyela ababodwa, nabashayi bogubhu ababodwa. Abanye abangijwayele bangiqondile bangibuza ngale nto, ngabachazela kanti nenduna eyodwa yabalandeli ike yangibuza, ngachaza, yathi iyasiqonda isimo,” kusho uMnu Dludla.
UKhuzani uthi abalandeli kumele behlise imimoya.
“Ukuthi ngamxhasa ngekhamera lo mthwebuli kakusho ukuthi kumele asebenzele mina kuphela. Phela lokho kungasho ukuthi uzolamba ngoba kangishuthi zonke izinsuku.
“Abantu esisebenza nabo nonjiniyela basebenzela wonke umuntu, naye-ke ngokunjalo makayekwe asebenzele bonke abantu,” kusho uKhuzani.
IGcokama lizanywe kaningi ocingweni kodwa lwangangena kanti olunye belukhala lungabanjwa.