UBLACK COFFEE UHALALISELWE NGENGQOPHAMLANDO

497

LUCKY CAIN
SIHALALISELWE wuhulumeni isilomo sakuleli uDJ Black Coffee ngokuqopha umlando wokuba yiciko lokuqala laseNingizimu Afrika ukuba nomcimbi waso phesheya kwezilwandle eMadison Square Garden, eNew York e-United States of America. UBlack Coffee ogama lakhe langempela uNkosinathi Maphumulo, ugcwalise le ndawo ephelezelwa ngabanye bakuleli okubalwa kubo iMajor League DJs, u-Oskido, uMondli Ngcobo, Shoba, uBucie, uMsaki nabanye. Lo DJ waseMlazi owakhulela eMthatha uhalaliselwe uNgqongqoshe wezokubu- Ciko namaSiko uMnu Zizi Kodwa, ngale ngqophamlando njengoba emchaze njengesibonelo esihle kubantu abasha. UKodwa uthe uBlack
Coffee usaqhubeka nokubeka iNingizimu Afrika ebalazweni lo mhlaba ngekhono lakhe kanti leli lizwe liyaziqhenya ngaye nangempumelelo yakhe.


UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube naye uwuncomile umsebenziowenziwe yilo DJ. Uthe okwenziwe yilo DJ akakwenzelanga lesi sifundazwe kuphela kodwa wenzele iNingizimu Afrika yonkana. “Siyaziqhenya ngomsebenzi omuhle awenzayo
emhlabeni jikelele, siphinde sibongele nabanye abaculi bakuleli abathole ithuba lokunandisa no-Black Coffee,” kusho uNkk Dube-Ncube. UBlack Coffee ungomunye woDJ bakuleli abaphumelele njengoba eseke wahlabana ngendondo yomhlaba yeGrammy ne-yeBET. Useke wahlabana
nangenqwaba
yezindondo
zakuleli
okubalwa
kuzo
neSAMA.
lucky.cain@
ilanganews.
co.za

Previous articleKuvuke iminjunju eqhaweni lamaBhakaniya
Next articleAmasosha “agandaye” okuthiwa usolwa ngokweba imoto