NHLANHLA HUDLA
Ubalisa ngesimo sezulu esingabekezeleleki
ISITHOMBE NGABE: THE NATIONAL
UBONA ubungozi ngesi-mo sezulu saseJapan uRassie Erasmus ongu-mqeqeshi weqembu le-sizwe lakuleli AmaBho-kobhoko abhudluze omakhelwane iNamibia ngo-57-3 kowendebe yo-mhlaba ngoMgqibelo emini eCity of Toyota Stadium, eJapan.
Elakuleli liye kulo mdlalo nezi-nguquko ezinqala eqenjini kwazise belibophele abadlali abangu-13 abebengekho ngesikhathi liguqiswa yi-New Zealand ngo-23-13 kowovula walo mqhudelwano ngeledlule.
Leli qembu lishaye ama-try angu-9 kulo mdlalo.
“Sijabule ngomphumela esiwutholile nengikholwa ukuthi uzokwenyusa ukuzethemba kubadlali. Kunzima ukudlala kuleli lizwe njengoba isimo sezulu sakhona senza kube nzima kakhulu ukudlala ngaphansi kwaso.
“Indlela okushisa ngayo kwenza kube nzima kakhulu ukugcina ibhola ezandleni kubadlali. Le nto ngibona izophazamisa kakhulu amaqembu amaningi kulo mqhudelwano. Lokhu kuphazamisa izinhlelo zamaqembu okwenza kube nzima ukudlala.
“Ngeke ngithuke uma ngibona imiphumela ethusayo kule midlalo ngenxa yaso isimo sezulu. Noma ungabuza baphi abadlali bangakuchazela ngalesi simo. Akugcini nje ngokuba manzi ibhola kujuluka izandla kanye nejezi. Kunzima ngisho nanokuphasa ibhola emuva.
“Sikholwa ukuthi izinto zizoshintsha maduze amazinga okushisa ehle. Ngikhulumile nabadlali nabaqeqeshi asebeke badlala lana bakuqinisekisa ukuthi konke lokhu kuzodlula isimo sibuyele esimweni esejwayelekile,” kusho u-Erasmus.
Nakuba ekhuluma kanjena lomqeqeshi kodwa uyazi ukuthi iqembu lakhe libhekene nenselelo yokunqoba yonke imidlalo elisalele ukuzibeka ethubeni lokudlulela esigabeni esilandelayo.
Nokho kubukeka kuzomphathisa ngekhanda ukubophela iqembu emdlalweni elandelayo njengoba bonke abanikwe ithuba bekhombisa ukulibamba ngezandla zombili.
Umdlalo olandelayo welakuleli uzokuba ngoLwesihlanu nalapho lizobhekana khona ne-Italy nokuyiyona esazihola phambili kuPool B kwazise isayinqobe yomibili imidlalo esayidlalile.
Khonamanjalo, osokhaya iJapan iqhubekile nokwenza kahle kulo mqhudelwano njengoba bemangaze abaningi behlula i-Ireland ngo-19-12 ngoMgqibelo.
Lo mphumela ushiye abantu bebambe ongezansi njengoba lona kube ngumphumela ongalindelekile kwazise i-Ireland ifike kulo mdlalo ithathwa njengeqembu elihamba phambili emaqenjini adlala kulo mqhudelwano.
Nokho iJapan ibingaqali ukukwenza lokhu njengoba ikwenze nase-England ngo-2015 ishaya Ama-Bhokobhoko ngo-34-32. Lo mphumela ubukeka ungase wehle kahle kwiJapan njengoba isethubeni elihle lokudlulela esigabeni esilandelayo.