Ubona okungase kube yisithiyo kwiChiefs

173

Nokho ukubuya kwabalandeli ezinkundleni kuzozisiza iziMpofana

USIYETHEMBA Sithebe ngomunye wabadlali abasayiniswe yiKaizer Chiefs okuthenjelwe kubona ukubuyisa izinsuku zenjabulo kule kilabhu esineminyaka
eyisikhombisa ingayazi indebe, ngaphandle kweShell Helix Cup okuyindebe yemidlalo yokuzifudumeza eyayithatha ngo-2019.

NHLANHLA HUDLA
UBONA isithiyo esingase siphazamise iKaizer Chiefs uWilliam Shongwe owayengunozinti wokuqina wale kilabhu eminyakeni edlule. UShongwe utshele ILANGA ukuthi nakuba le kilabhu isayinise abadlali ababona bebahle, kodwa bangase bashaywe wukuhluleka ukungena esitayeleni seChiefs njengoba ifuna ukubuyisa udumo lwebhola elihehayo, iphinde inqobe izinkomishi. Ubekhuluma naleli phephandaba ngenkathi kuqhubeka imidlalo yeCosafa Cup esongwe izolo ngeSonto ebusuku eThekwini ngomdlalo obuphakathi kweZambia neNamibia. Lo nozinti owayengaconsi kubalandeli beChiefs, uthe: “Ngikholwa wukuthi iChiefs yenze kahle ngokusayinisa abadlali abahle. “Ngiyathemba ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukubuyisa udumo lwale kilabhu ehlonishwa i-Afrika yonke.

Into engiyesabayo nje wukuthi kungenzeka ukuthi ifuna ukudlala isitayela esithile, kodwa uhlobo lwabadlali uthole ukuthi kakusilona lolu eludingayo. “Kodwa-ke masilinde sibone ukuthi bazokwazi yini ukungena esitayeleni sekilabhu. “Nginethemba lokuthi le kilabhu izokwenza kangcono kunangesizini edlule. Inabaqeqeshi abalwazi kahle usiko lwale kilabhu, engikholwa wukuthi yikhona okuzokwenza izinto zibe lula, ikakhulukazi kubadlali. “Kangingabazi ukuthi ngesizini ezoqala, le kilabhu izokwenza kangcono. Okujabulisa kakhulu wukuthi imidlalo isizodlala phambi kwabalandeli, engicabanga ukuthi ngenye yezinto eziyiphazamise kakhulu le kilabhum ngesikhathi abalandeli bengavunyelwe ezinkundleni,” kusho uShongwe.


Nakuba ekhuluma kanjena uShongwe, kodwa kubukeka usazokuba mkhulu umsebenzi ohlalele abaqeqeshi ukuhlanganisa le kilabhu. Kuzokhumbuleka ukuthi nangesikhathi sikaSteve “Mphathi” Komphela kwathatha isikhathi eside ukuba le kilabhu ihlangane. Lokhu kwenza abanye baze basola uKomphela ngokuba neshwa lezindebe. Nokho usenqobe izicoco eziningi kwiMamelodi Sundowns aqashwe njenge-senior coach kuyona.

Previous article18 JULY 2022
Next articleKutitinywe inyanga kwashiswa izigodlo zayo