Ubonga akaphezi onikwe owokufihla uShenge

575

NONHLAKANIPHO SHINGA

UQHAKAMBISA ukuthobeka okukhulu usomabhizinisi waseThekwini, uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo (osesithombeni), ongumnikazi weCebolethu Funerals, okuyinkampani yakhe enikwe umthwalo wokusingatha umngcwabo weNkosi Mangosuthu Buthelezi, uMntwana waKwaPhindangene ngoMgqibelo. 

Engxoxweni yakhe neLANGA, ubonga akaphezi njengoba ethi bona njengeCebolethu, bathola ucingo olwaluvela emalungwini 

omndeni wakwaButhelezi, becelwa ukuba bayolanda isidumbu sikaMntwana waKwaPhindangene.

Uthi lokhu kwamenza wabona kunokushintsha kwezinto kakhulu emkhakheni abakuwona, njengoba kuthe kukhotheme inkosi kwafonelwa yena, engumuntu wesifazane ukuba ayothatha isidumbu sayo. 

“Lokho kukodwa, kusho ukuthi basethembe ngendlela eyisimanga njengoba umndeni ungenawo umasingcwabisane nathi, kepha ukhethe ukuthi kube yithina esiwusingathela umngcwabo woMntwana waKwaPhindange-ne,” esho. 

Uthi ubeqala ukwenza umsebenzi wesigaba sokuqala, ngokukahulumeni, njengoba owoMntwana waKwaPhindangene ubukusona. 

“Bekukuningi ukubambisana obekukhona phakathi kwethu nohulumeni kazwelonke, owesifundazwe ne-IFP. Umsebenzi ebesinikwe wona bekungowokungcwaba, wukuhlobisa – esikwenze ngokubambisana noNkk Helen Mhlongo weFunction Images, esasisebenza naye ngesikhathi sisingethe 

ukukhwezwa kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu (uMdlokombana). Besibhekelele 

nokuphekelwa kwabantu abebehambele 

umngcwabo,” esho. 

Uthi uyacabanga ukuthi ukwenza umsebenzi omuhle ngesikhathi kutshalwa uMdlokombana, yikhona okwenze umndeni wakwaButhelezi wacabanga yena kuqala. 

“INdlunkulu (kaZulu) sesisebenze kakhulu nayo njengoba ngisho izinyane likaMdlokombana, uMntwana uLethu, umngcwabo walo wawusingethwe yithina.    

“Ngiyacabanga ukuthi nakubona abakwaButhelezi kube lula ukuba baxhumane nathi ngoba bayawazi umsebenzi wethu, bewubukela eduze,” esho.

Uthi kusukela ekuqaleni kwesonto eledlule, ubenethimba elinabantu abawu-12 ebelisingethe ukuhlelwa komngcwabo kaShenge. 

“Bekukhona nabakwa-marketing abawu-12, abashayeli abawu-12, ama-usher awu-30, abapheki abawu-30 nabawu-20 abebeweta izihambeli, abebengamele ukuhlobisa nezi-mbali nokunye okuningi. Ngibonga ukusebenza ngokuzimisela kwezisebenzi zami nokuhlonipha kwazo umsebenzi esiwenzayo,” esho.

Uthi unethimba eliqashwe ngokuphelele, elibhekelela ukuhlelwa kwemicimbi yalolu hlobo, okuyilo elisuke lijutshiwe uma kunemingcwabo yakuleli zinga. 

“Njengomuntu wesifazane oseneminyaka engaphezulu kuka-13 ngenza lo msebenzi, kuyangithobisa kakhulu ukunikwa ithuba elikhulu kangaka. 

“Kayibanga lula indlela esifikise lapho sikhona, okuyikho okungenza ngibe nokubonga okukhulu njalo uma sinikwa ithuba. 

“NjengomZulu, ngiyaziqhenya kakhulu ngomsebenzi esiwenzele iNkosi 

yakwaButhelezi futhi ngiyethemba ukuthi nawo umndeni ugculisekile,” kusho uNkk Mcoyi-Zondo.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za 

Previous articleUmndeni kaShenge ubonga ukwesekwa
Next articleUhambo lukaMfu Zondi noShenge