USannah Mchunu uthi ukuqokwa kwakhe kusho lukhulu ngoba akawufundelanga lo mkhakha
LUCKY CAIN
UBONGA ukuphela komshado wakhe umlingisi osephinde waqokwa kumaRoyalty Soapie Awards, alo nyaka uSannah Mchunu odlala indawo kaZodwa emdlalweni owuchungechunge iGomora, okhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku. Lo mlingisi uqokwe emunxeni we Outstanding Supporting Actress nakwiViewers Choice Best Actress kula ma-award okulindeleke ukuthi abe ngenyanga ezayo. Sekungokwesibili eqokwa emunxeni ofanayo njengoba ngo-2020 ahlabana ngendondo yalo munxa kanti ngowedlule uklonyeliswe emcimbini weDStv Viewers Choice Awards emunxeni weFavourite Actress.
Ekhuluma neLANGA ngokuqokwa kwakhe uthe kusafana nephupho kuyena, uthando aluthola kulo mkhakha, nakuba eqale kuwona esekhulile. “Angazi nokuthi ngingathini ngalolu thando, njengoba ukuqokwa nje kukodwa kusho lukhulu kimina, njengoba ngingawufundelanga lo mkhakha futhi ngingene kuwona sengimdala,” kusho yena. Uthe uzizwa ethobekile ukuphinde aqokwe kula ma award, uyafisa ukuphinde ayithole le ndondo njengoba kuyena kusayiphupho konke okwenzeka kuyena. “Sengiyabona manje izinto esezenzeka empilweni yami kwakumeleumshado wami uphele ngoba ngabe angilwazi lolu thando engilutholayo. Mina bengishadile ngikhulisa izingane zami eziyisikhombisa ngingasebenzi, ngithembele kumyeni wami.
“Kuthe uma umshado wami uphela ngangazi ukuthi ngizokwenzenjani kwakungathi kumnyama emhlabeni kodwa uNkulunkulu wayelinde ukungembulela ubukhona baKhe,” kusho lo mlingisi osephenduke intandokazi kumabonakude. Uthe uyakholwa ukuthi konke okwenzeka emhlabeni kunesikhathi sakho futhi uma sesifikile akekho ongavimba. “Ngangingakholwa ukuthi kukhona okusengenzeka okusha empilweni yami, kodwa manje ngiyabona izinto ziyashintsha, ngijabulile futhi nalo mkhakha ungiphethe kahle,” esho. Unxuse abantu ukuba bamvotele kula ma-award asungulwa ngumlingisi uWinnie Ntshaba owazakhela udumo edlala indawo kaKhethiwe kwiGenerations, kanti muva nje ulingisa ekaFaith kwi-House of Zwide ekhonjiswa kwietv.
Khona manjalo isemathubeni lokuvalelisa ngegiya eliphezulu imidlalo kamabonakude ewuchungechunge ephelayo eqokwe kulo mcimbi okubalwa kuyo iDiep City, iDurban Gen, iThe River ne-Mbewu. Le midlalo kamabonakude iqokiwe kulo mcimbi usuwenzeka okwesithupha kulo nyaka. UWinnie (osesithombeni esingezansi) uthe kuyamjabulisa ukuthi basakwazi ukuqhubeka nokuhlonipha ithalente labalingisi abahamba phambili emidlalweni ewuchungechunge. Uthe okuhle ngala ma-award wukuthi ngababukeli ababa novo ngokuvotela abalingisi nomdlalo ohamba phambili kubona. lucky.cain@ilanganews.co.za