Ubonga ukuphuma esaphila esikoleni uthishanhloko othatha umhlalaphansi

389

MTHOBISI SITHOLE

UBONGA ukuphuma ephila nokuqeda ihlandla lakhe ephethe i-Ogwini Comprehensive High School, eMlazi, eThekwini, uDkt Vusumuzi Dlamini (osesithombeni) onguthishanhloko wakule sikole wakhona osethatha umhlalaphansi. UDlamini useneminyaka ewu-38 esebenza kulesi sikole, kanti iwu-25 eqhoqhobele esokuba nguthishanhloko waso. 

Uthi bekunzima ukuphatha lesi sikole ngenxa yokufunwa kwaso ngosomathuba, kwazise sikhulu futhi sinabafundi abaningi. 

Engxonxweni ekhethekile abenayo neLANGA, uveze ukuthi bese kuzanywe kaningi ukuthi agingqwe phansi, kubalwa nokubulawa imbala, kufunwa lesi sikole. 

Uthi ubonga uNkulunkulu njengoba sekuze kwafika isikhathi sokubeka phansi izintambo.

Uzogcina ukusebenza mhla ka-31 kwephezulu. Mhla ka-27 kuyona le nyanga, uhlelelwe umcimbi wokumvalelisa esikole-ni.  

Lesi sikole sinabafundi abawu-3 010 nothisha abawu-126. 

Utshele ILANGA ukuthi ufunde lukhulu kuyona yonke le minyaka ephethe lesi sikole, okubalwa ukulwisana nepolitiki egxambukela esikoleni nokubhalansisa ipolitiki ngokwehlukana kwayo.

Ngesikhathi efika kulesi sikole, wayeneDiploma kwezobuthishela, waqhubeka waze wathola iziqu zobudokotela kwi-Educational Psychology neMaster of Bussiness Administration e-University of Zululand, KwaDlangezwa, eMpangeni. 

Uthi okumenze wagqugquzeleka ekuzithuthukiseni kwezemfundo, wukuthi ulwazi lubalulekile uma ufundisa abafundi.

“Awuhlonipheki uma ufundisa abantwana ungenalo ulwazi olwanele,” esho. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAbafuna esobukhosi bukaZulu bayaphika ukuthi inkosi iyazalwa, kayiqokwa
Next articleMasigawule sibheke njengoba sekusondele isikhathi sikaKhisimusi