Ubonge abantu baseNingizimu Afrika umndeni kaShenge

983

INTATHELI YELANGA

UDLULISE ukubonga ngemikhuleko umndeni woMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi (esesithombeni), ededelwa esibhedlela emuva kokuba elaliswe khona eside isikhathi. Umndeni ubonge abantu baseNingizimu Afrika, abaholi bezepolitiki namakhosi ngokubeka uShenge emikhulekweni, wukukhombisa uthando nokuweseka kuze kube uyadedelwa esibhedlela.

Ngokwesitatimende esikhishwe wumndeni waKwaPhindangene, uveze ukuthi yize esededelwe esibhedlela uShenge, kodwa usazothi gozololo ukubuyela emsebenzini njengoba kusamele alulame ngokungcwele. Uveze ukuthi okwamanje ngeke akwazi ukwamukela izivakathi KwaPhindangene, kuze kuba useluleme ngokungcwele.

“Sithanda ukudlulisa ukubonga iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMengemeli Cyril Ramaphosa, uMnu Thabo Mbeki, uMnu Kgalema Motlanthe, uMnu Paul Mashatile oyisekela-mengameli, U-Archbishop Thabo Makgoba, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa, yi-IFP ngothi lwayo, amakhosi nesizwe sakwaButhelezi ngothando nokweseka kulesi sikhathi esinzima ebesibhekene nomndeni. Sifisa ukudlulisa ukubonga nasebantwini baseNingizimu Afrika ngemikhuleko,” kusho umndeni esitatimendeni.

Ubonge nezilokotho ezinhle ebezithunyelwa ngabantu abahlukene, okubalwa nemithombo yezindaba ngesikhathi ehlanganisa iminyaka ewu-95 edla enhlamvana. Udlulise ukubonga nasethimbeni lodokotela nabahlengikazi abebelokhu bembheke njalo uShenge. Ube usucela ukuba anikwe ithuba lokululama ngokungcwele, wathembisa nokuthi uzomemezela uma esekulungele ukubuyela emsebenzini.

Previous articleUhlonishwe ngokwehliswa kwefulegi uMadlala
Next articleKuzodingeka ulibofuzoukuhlonza izidumbuzeningi labashe eGoli