THANDI ZONDI
UBONGE abaphansi noNkulunkulu umakadebona womlingisikazi, uLerato Mvelase (osesithombeni), ekhale emuka nendondo yeBest Actress in a TV Drama kwiSouth African Film and Television Awards (SAFTA) ngoMgqibelo, eGallagher Convention Centre, eMidrand.
Ekhuluma neLANGA, uthe ujabule kakhulu ngale ndondo ayithole ngokulingisa indawo kaMampho Mashaba kwiJustice Served, yakuNetflix.
“Ngicabanga ukuthi ngiyinikwe yidlozi noNkulunkulu (indondo). Kwesinye isikhathi kusuke kungakabi yisikhathi esifanele. Akukho engingathi ngikwenzile okwehlukile kulo mdlalo, zonke izindawo engizilingisayo ngizinika ubumina. Ngikholwa wukuthi besekufike isikhathi,” esho.
Lo mlingisi akasiye umafikizolo, njengoba aqala ukuvelela emdlalweni iHome Affairs owaqala ukubonakala kumabonakude ngoNtulikazi (July) ku-2005.
Echaza ngendawo emenze wahlomula kwiJustice Served, uthi imphosele inselelo.
“Bekumele ngingene emizweni yami yokuba ngumama, ngizifake ezicathulweni zokulahlekelwa ngumntwana, ngizifake ezi-nselelweni esibhekana nazo emsebenzini, lapho othola khona ukuthi unokungezwani nozakwenu noma nomphathi.
“Ngicabanga ukuthi ngixhumanile nale ndawo ebengiyidlala, bekumele ngiyenze iphile, beyidinga ubumina ngqo,” esho.
Bese kuphele iminyaka emithathu agcina ukuba khona amaSafta. I-Netflix SA neKykNET, yizo ezihambe phambili ngezindondo, zilandelwa yi-e.tv, iShowmax, iM-Net, iMzansi Magic kugcine iSABC.
Abahleli bamaSafta bahloniphe obengumethuli weCarte Blance, uDerek Watts – oshone ngenyanga eyedlule -ngendondo iLifetime Achiever Award nomqondisi wamafilimu ongumakadebona uKoos Roets ngegalelo lakhe kwezamafilimu.