Ubonge amandla oNyazi iBay FC iphunyuka ezembeni

317

PHUMLANI GAMA

SIBONGE amandla omkhuleko weNkosi yamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe nebandla layo isikhulu seRichards Bay FC, Sifiso “Jomo” Biyela, ikilabhu yaso ivika izembe kwiDStv Premiership. 

UBiyela  uthi leli bandla lingenelele emizuzwini yokugcina iBay FC isidinga noma ngabe ubani ongayitakula ekudliweni yizembe. Sekuwumlando ukuthi iBay FC iphunyuke emdlalweni wokugcina – lapho ibisidinga iphuzu ukuphunyula embazweni – ibhudluza iBaroka FC ngo-4-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngoLwesithathu. 

Ngaphambi kosuku lomdlalo, ithimba labaholi baseBuhleni lihlangane neleziphathimandla zeRichards Bay FC nabadlali eProtea Hotel, eMhlanga ngenhloso yokubaqinisa idolo ngomkhuleko nangezeluleko. Abaholi baleli bandla bebeholwa nguMnu Jackonia Thethwayo – ongomunye wabashumayeli – banike abadlali nezikhulu zekilabhu isiqiniseko sokuthi umdlalo bazowunqoba ngamagoli amabili kuya phezulu. 

Ekhuluma naleli phephandaba uBiyela, uthe akuyona into efihliwe ukuthi umdlalo bawunqobe ngamandla omkhuleko. Uthe nakuba yena nabanye bengakhonzi kuleli bandla, kodwa bayalwazi udumo lwalo. “Sinethemba lokuthi uNkulunkulu kaShembe uzoqhubeka asivikele, abusise ikilabhu,” kusho uBiyela. 

Okhulumela ibandla lamaNazaretha, uMnu Thokozani Mncwabe – obeyingxenye yethimba labaholi abahambise umkhuleko – uthe iningi labantu liyazi futhi liyakuqonda ukuthi uShembe akakhulumi ngomlomo, kodwa kuyaye kube yizenzo. “Ngezizathu ezithile, ngeke ngikudalule engikubone kwenzeka ngesikhathi somkhuleko. Thina kasidingi ukubongwa nokutuswa, kodwa ofuna ukubonga kufanele adlule kithi ayobonga kuShembe ngoba konke esikwenzayo sikwenza ngamandla akhe,” kusho uMncwabe. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleKugxekwe iPoprcu ngodaba lokukhokhelwa kwamaphoyisa abesebenza ngesikhathi sokhetho
Next articleURamaphosa “unovalo” lokungethenjwa kukahulumeni wobambiswano ngenxa yokudonsisana kwamaqembu ngezikhundla